Ufe olwembiza uMngomezulu kushona ibhokisa lakhe uBiyela

Ufe olwembiza uMngomezulu kushona ibhokisa lakhe uBiyela
UNkosinathi Biyela
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Sithunyelwe

UJabulani Eric Mngomezulu ongumhleli wezimpi osafufusa waKwaZulu-Natal usevulele Impempe isifuba ngokulahlekelwa nguNkosinathi “Nkunzi” Biyela.

UBiyela ushone ngempelasonto ngemuva kokugwazwa e-Alexandra eGoli la abe nokuxakazisana khona nenye insizwa.

UMngomezulu uthi wamqala phansi esigabeni sabangakhokhelwa waze wamshiya ngoba esethathwa nguThulani “Nkunzi” Magudulela ongasekho emhlabeni.

“Lo mfana usishiye kabuhlungu ngoba bengihlele ukumqatha khona lapha KwaNongoma,” kusho uMngomezulu.

“Bengifolosa ngaye futhi kimi sekuphelile ngisho nokuqhatha ngoba angisenalo ibhokisa engaliqhatha.”

UMngomezulu ubebonakala ukuthi ukushona kukaBiyela kuqede amathemba akhe wonke ngekusasa lokuthi usayobuya akwazi ukuhlela izimpi.

Uphinde wasicacisela ngokudlula kwalo mshayisibhakela. Uthi usuke ngakubo Empangeni ngoba ezbizwe ngumfowabo eGauteng ukuthi akazozama inhlanhla.

Ubezomzamela umsebenzi wokugada kwazise ubenesibhamu esisemthethweni. Impilo ibimile kwazise bekuvaliwe ukudlala isibhakela ngenxa yokudlanga kweCovid-19.

“Ngosuku akadlule ngalo emhlabeni kube khona inxabano nomunye wabafana bendawo e-Alexandra (elinye lamalokishi aseGoli.

FUNDA NALA: USeema uthi i-Arrows ngeke iyijike indlela edlala ngayo

“Kuthiwa kade bezihlalele phansi komuthi nje kuzincokolelwa. Lo mfana ube esesola uNkosinathi ngokuthi ushela intombi yakhe.

“Iqale lapho ke impi bashayana, wahamba lo mfana naye uNkosinathi wazihambela. Ubuyile lo mfana wamthuka wambiza ngaphansi kweziketi zikanina.

“Ube esedizwa ngoba ubethi seyiphelile, waqonda kuye wafika lo mfana wamgwaza inxeba elilodwa waphelela lapho endaweni yesigameko.” kuchaza uMngomezulu.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.