UFielies uyibheke ngabomvu indebe kwiCity kule sizini

UFielies uyibheke ngabomvu indebe kwiCity kule sizini
UTaariq Fielies
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ufisa kube khona abakuwinayo kule sizini umdlali weCape Town City uTaariq Fielies.

Uveze lokhu ngekokuvela kwezindaba zokuthi usayime inkontileka entsha neCitizens.

Ukwelula inkontileka kwalo mdlali Kuchaza ukuthi uzohlala kuleli qembu laseKapa kuze kube uJuni ka-2025.

“Ngijabula kakhulu nokusayina inkontileka entsha eqenjini. Lokhu kungenza ngesase kakhulu,” kusho uFielies oyibamba emuva.

“Enye into emnandi ukuthi sifinyelele kowamanqamu futhi kulokhu. Ngijabule ngalokho, futhi ngiye themba kukhona esizokuzuza kule sizini.”

FUNDA NALA: Sekunengoma yokusina eqanjwe ngoShalulile

ICitizens, eqeqeshwa ngu-Eric Tinkler, izobhekana neMamelodi Sundowns kowamanqamu weMTN 8.

Ifike kowamanqamu ngemuva kokudlala kuMaZulu emzuliswannei wokuqala, nakwiSwallows FC kowandulela owamanqamu.

ICape Town City isike yayiwina iMTN 8 ngesizini yayo yokuqala kwiPremiership iqeqeshwa uyena uTinkler.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.