Ufike kwacaca uTinkler kwiCity

U-Eric Tinkler nabadlali beCape Town City
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

U-Eric Tinkler, osanda kubuyela kwiCape Town City, ujabule ngendlela abadlale ngayo bebhudluza iBlack Leopards ngo 3-1 emdlalweni weDStv Premiership eKapa ngoLwesithathu.

Ukushaywa kweLeopards kuqinisekise ukuthi ishona kwalasha, kwiGladAfrica Championship. Leli qembu laseLimpopo bekumele liwuwine lo mdlalo ukuze libe nethemba lokusinda ezembeni emidlalweni yokugcina yePremiership.

ICitizens ike yalandela ngemuva ngo 1-0 kulo mdlalo ngesikhathi sekhefu. Ngesiwombe sokuqala iLeopards ibilinyathela kangcono kakhulu nokwenze ukuthi ithole igoli. UTinkler ukhombise ukungawusabi lo mdlalo evimbisa umfana osemncane uMarc Anderson, oyindodana kaMark Anderson owayevimbela iMamelodi Sundowns neBafana Bafana eminyakeni edlule.

“Ngicabanga ukuthi ngesiwombe sokuqala besinesikhathi esiningi ebholeni. Besifika emapalini abo kodwa sangenza ngokwenele ukwakha amathuba, sahluleka ukuthola igoli. Angikhumbuli uMarc evimba ibhola ngaphandle kwaleli elibe yigoli,” kusho uTinkler.

Lo mqeqeshi ubesehlale kakhulu engenaqembu kule sizini selokhu akhonjwa indlela kwiMaritzburg United ekuqaleni kwesizini ngenxa yokugqoza kwemiphumela.

“Kube yisuluphezi nje ukuthi sizithole silandela ngemuva ngo 1-0 ngesikhathi sekhefu. Kodwa ngesiwomnbe sesibili senze ushintsho endleleni ebesidlala ngayo, saphinde sashintsha nabadlali okuyinto esisebenzele kakhulu.

“Ngicabanga ukuthi kusifanele kakhulu ukuthola amagoli amathathu uma ngibheka amathuba esihlale sizama ukuwakha. Besingaqhubeka sithole igoli lesine noma elesihlanu kulo mdlalo.

“Ngicabanga ukuthi umphumela osifanele kakhulu lona, futhi ngijabule kakhulu ngokuqala kanje,” kuphetha uTinkler. ICitizens izodlala nakanjani kwiMTN 8 ekuqaleni kwesizini ezayo. Le ndebe uTinkler uke wayiwina naleli qembu laseKapa ngesikhathi eliqeqesha okokuqala kumasizini edlule.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.