Ufike kwiGallants wavala ihlazo uMalesela

UDaniel Malesela ocija iMarumo Gallants

 

Umqeqeshi uDaniel “Dance” Malesela ufike nomlingo obudingwa yiMarumo Gallants eyisusa emseleni kwilogi yeDStv Premiership.

IGallants ithole iwini yayo yokuqala kwiPremiership ngesikhathi ishaya iTS Galaxy ngo 1-0 ngoLwesibili, yanyukela endaweni ka-14. Bekungumdlalo wokuqala kaMalesela selokhu engene ezicathulweni zikaRomain Folz ohambe ngenyanga edlule.

Nangesizini edlule lo mqeqeshi ufike kukubi kwiGallants wayisiza yavika izembe. Kumangale abaningi ngesikhathi leli qembu lingamniki inkontileka ekuqaleni kwesizini.

“Bekunzima kakhulu sibhekene neqembu elisinike umdlalo onzima. Bayiqembu okulikhuni kakhulu ukudlala nalo,” kusho uMalesela ngemuva komdlalo.

“Anginaso isiqiniseko sokuthi mangakhi amaqembu angaya laphaya asinde. Basiphoqe ukuthi sihlale emuva sibavimbe engxenyeni yethu.

“Ngesinye isikhathi uma kade wagcina ukuwina lokhu kuyenzeka. Ngijabulile ngendlela abadlale ngayo abadlali, ngineme ngomsebenzi omuhle abawenzile. Sizoqhubekela phambili ukusuka la.”

IGallants izodlala umdlalo olandelayo weligi neMamelodi Sundowns ngo-Okthoba 19 eLoftus Stadium.

Sdina Ngubo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *