Ufisa bavale ngokuwina uWilliams weSuperSport esefomini enhle kulezi zinsuku

Sihle Ndlovu
Ufisa bavale unyaka ngegiya eliphezulu ukaputeni weSuperSport United, uRonwen Williams. Amatsatsantsa a Pitori ashayela phezulu ngemuva kokushaya iKaizer Chiefs ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili. EzikaKaitano Tembo zizobhekana neBaroka FC emdlalweni wazo wokuvala unyaka ePeter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.
Ngaphambi kokushaya iChiefs ngoLwesithathu, iSuperSport ishaye iMaritzburg United ngo 2-1 eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu. UWilliams uthe kumele bazame ukugcina umgqigqo wabo, bavale kahle nonyaka.
“Sibe nemiphumela emibili emihle emidlalweni esisanda kuyidlala. Siqoqe amaphuzu ayisithupha emidlalweni emibili edlule. Yinto enhle leyo, kumele siqhubeke nalokho, kufanele siqhubeke nomgqigqo wethu. Kube wumphumela omuhle ekhaya (bebhekene neChiefs). Besingenza kangcono kodwa kwesinye isikhathi kuhle ukwenza amaphutha ongafunda kuwona,” kusho uWilliams.
Ugcizelele ukuthi ngeke bayithathe kancane iBaroka ephuma emdlalweni lapho ishaywe khona yiBloemfontein Celtic ngo 2-0 ngoLwesithathu.
“Sithemba ukuthi sizoqeda ngegiya eliphezulu njengoba sizobhekana neBaroka. Baqale kahle kakhulu kodwa sebethe ukwehla manje, kuzoba yimpi, ngeke kube lula nakancane. Bazofuna ukushintsha izinto nabo baqede unyaka behambela phezulu. Nathi sifuna okufanayo. Sinezinhloso zethu, sinezinto zethu esifuna ukuzifeza uma sidlala. Leli bekuyisonto elikahle kithina kodwa sifuna libe lihle kakhulu. Indlela yokwenza lokho ukuthi siqede unyaka ngegiya eliphezulu, sithole amaphuzu amathathu. Sinethemba futhi ukuthi ngeke silidedele igoli kulo mdlalo,” Kubeka uWilliams.
Ube esenxusa abalandeli ukuthi bazinakekele kulesi sikhathi samaholide, ikakhulukazi njengoba kunobubhane iCorona Virus.
“Umyalezo wami kubalandeli bethu uthi, phephani. Nibe namaholide amahle kodwa ningakhohlwa ukuthi iCovid 19 isekhona. Kumele nilandele yonke imithetho ebekiwe. Ibhola alifani ngaphandle kwenu ezinkundleni. Ngicela nilandele yonke imithetho ngendlela ukuze siphinde sibonane. Nibe namaholide amahle, izobonana ngonyaka ozayo,” kuphetha uWilliams.
Umdlalo wokuvula unyaka weSuperSport ungoJanuwari 6 lapho izobhekana neChippa United eLucas Moripe Stadium.