Ufisa ukungakhendlelwa abadlali uNcikazi we-Arrows

Mandla Ncikazi Golden Arrows
UMandla Ncikazi
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Akafisi nakancane ukuthi kube nokufuduka kwabadlali kwiLamontville Golden Arrows uMandla Ncikazi, ongumqeqeshi waleli qembu.

Abafana Bes’thende badlale kahle kakhulu ngesizini esanda kusongwa, baqeda endaweni yesine kwilogi. Akungabazeki ukuthi lokhu kudlala kahle kwe-Arrows kuzokwenza amaqembu eDStv Premiership abafune uthuli abadlali bayo.

UNcikazi ubekhuluma ngesikhathi kunomcimbi wokuhalalisela i-Arrows, AmaZulu FC neRoyal AM, e-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre, ngoLwesihlanu.

“Okokuqala nje kuyisifiso sami ukuthi singalahlekelwa abadlali abaningi, ngiyafisa ukuthi bakhulele lapha. Uma kwenzekile ngoba phela yibhizinisi leli, bayadayiswa abantu. Ngicela ukuthi sizivale izikhala kusenesikhathi,” kusho uNcikazi.

“Thina besidlala njengeqembu elincane. Kodwa ubonile ukuthi uma sekuzophela imidlalo bese besibuka njengeqembu elikhulu? Uthole ukuthi amaqembu amakhulu asepaka ibhasi alipakela i-Arrows.

“Kuzobaluleka nathi ukuthi sishintshe indlela esicabanga ngayo, sishintshe indlela yokudlala. Nesibalo (sabadlali) kumele sithi ukukhula. Ngalesi sikhathi seCovid-19 abadlali bayalimala.

“Kuze kugcine ngokuthi ungakwazi ukusebenzisa abadlali abadlala njalo. Ngifisa ukuthi uma sizivala izikhala sisheshe sikwenze lokho.”

“Ngesinye isikhathi upelepele
ubukeka umnandi kodwa phela
uyababa uma uwufaka emehlweni” 

UNcikazi uyakugcizelela ukuthi uneqembu elihle kakhulu elinabadlali abangahluphi, abawuhloniphayo umsebenzi wabo.

“Uma kukhona abafikayo, kungakuhle basheshe bajwayele, kungathi beqambe bejwayela ube usufakwe amasondo,” kusho lo mqeqeshi.

“Inkinga engiyibone isihlasela ukuvela ngasekugcineni ukuthi sinesikwadi esincane kunawo wonke amaqembu kwiligi. Uma sekuya ngasekugcineni kubonakele ukuthi izinsizwa sezikhathele.

“Kumele sithi ukwandisa isibalo impela ngoba iyona into ecishe yasingenisela amanzi endlini ekugcineni.”

I-Arrows ike yahlala endaweni yesithathu isikhathi eside nobekubukeka sengathi izoqeda khona bese iyodlala kwiCAF Confederation Cup. Ngabe kumphathe kanjani uNcikazi ukuphuthwa yileli thuba?

“Ngesikhathi kuqala isizini asizibekelanga umgomo wokuya e-Afrika. I-Arrows yayibeke umgomo wokuthi sifuna ukuya kwiTop 8, siqede endaweni ehloniphekile.

“Kuthe uma sekuqala sihamba la konombolo 2, nako nombolo 3, kwashintsha amehlo. Bekungaba mnandi ukuyothola amava ase-Afrika, kodwa akumele sivele siyibuke kanjalo le nto.

“I-Afrika idinga le engiyishoyo ukuthi isikwadi sakho sibe sikhulu ngokwanele. Buka la maqembu amancane aye e-Afrika. IPlatinum Stars yaya e-Afrika yabuya yadliwa yizembe. IBloemfontein Celtic iye e-Afrika yabuya yadonsa ngodizili.

“Ngesinye isikhathi upelepele ubukeka umnandi kodwa phela uyababa uma uwufaka emehlweni. Izifiso zami akumele zidlule ezeqembu. Mhlawumbe uNkulunkulu usebenze emfihlakalweni ukuthi singayi e-Afrika,” kuphetha uNcikazi.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.