Ufisela iSundowns iChampions League osanda kuyishiya

USibusiso Vilakazi esayina kwiTS Galaxy enoTim Sukazi

 

Sihle Ndlovu

Ubonge wonke umndeni weMamelodi Sundowns, uSibusiso “Villa” Vilakazi, oselishiyile iqembu ngemuva kokudlala kulona kusukela ngo-2016.

Lo mdlali ofike kwiSundowns esuka kwiBidvest Wits, uthe akukho azisola ngakho ngokuthatha isinqumo sokujoyina leli qembu laseChloorkop, futhi usijabulele kakhulu isikhathi asihlale kulona.

“Okokuqala nje ngicela ukubonga umengameli weqembu ngokunginika ithuba lokuthi ngibe yingxenye yeMamelodi Sundowns,” kusho uVilakazi.

“Ngingathanda nokudlulela kubaqeqeshi ngibabonge ngokunginika ithuba lokudlala eqenjini…izinsuku engizihlale lapha zingifikisela isibibitthwane kancane ngoba ngingabuyela ku-2016 lapho ngiwine khona iCAF Super Cup neqembu.

“Kusukela lapho nje bekumnandi kakhulu ngoba besiwina izindebe amasizini elandelana. Ngaphandle nje kwalokho kube mnandi ukwakha abangani kozwakethu ebesisebenza nabo, ebesihlale sinabo sonke isikhathi.”

UVilakazi uthe ufisela iSundowns ukuthi iwine iCAF Champions League ngoba iyiqembu okulifanele lokho.

“Sekuyiminyaka emine manje futhi ngibona le ndebe (yeChampions League) ilokhu iqhela kithina. Ngicabanga ukuthi iyona ndebe okumele iwinwe nakanjani,” kusho uVilakazi.

“Lena kumele kube yisizini nakanjani iqembu okufanele liwine ngayo le ndebe. Ngingathanda ukubona iqembu liphakamisa le ndebe futhi lokho yisifiso esivela ekujuleni kwenhliziyo yami.

“Yize nezinye izindebe ezidlalelwayo lapha ekhaya zibalulekile kodwa siyazi ukuthi ufishi omkhulu yiChampions League. Kumele iwinwe nakanjani, kufanele kube ngeyeSundowns.”

UVilakazi uzobe eyibamba kwiTS Galaxy ngesizini ezayo njengoba esayine kuyona ngoLwesine.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.