UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter
Inkakha kwezokusubatha, uBruce Fordyce useveze ukukhathazeka kwakhe ngesimo sikaBongumusa Mthembu athi angase ahlehlelwe abaxhasi uma engawaphakamisi amasokisi.
UMthembu usenqobe iComrades Marathon amahlandla amathathu wengeza nangeTwo Oceans wexwayiswe ngokuthi aphakamise izinga.
Lo msubathi usanda kuphuma endaweni yesihlanu kwiPrince Mangosuthu Ultra Marathon kanti ngo-2019 wehluleka wancama ukuvikela isicoco sakhe seComrades.
Kulo mjaho wabamba izithende zika-Edward Mothibi weNedbank Running Club. UFordyce uthi kubalulekile ukuthi ahlale ezibhekile ngoba abaxhasi bayamthanda kakhulu.
“Unenhlanhla yokuba nogazi kubaxhasi abamsiza ngemali akwazi ukuphilisa ngayo yena nomndeni wakhe,” kusho luFordcye.
“UBongumusa ungumsubathi ozimiselayo nonamandla kakhulu. Ngicabanga ukuthi wehlelwe wumdlandla nje wokugijima.
FUNDA NALA: Usazohlala isikhathi engadlali uPercy Tau olimele kabi
“Ngiyacabanga ukuthi kuzomele aqale phansi ukuzimisela. Usangayiphinda ayinqobe iComrades Marathon.”
UMthembu uhlukane nobengumqeqeshi wakhe abanqobe naye iComrades uXolani Mabhida ngenxa yezinkinga ezithile abangathandi ukukhuluma ngazo bobabili.