UFrosler noNgcobo sebebeke eceleni iChiefs, babheke injabulo kuma-Olympics

UFrosler noNgcobo sebebeke eceleni iChiefs, babheke injabulo eTokyo
UReeve Frosler
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Sebethembe ukuthi izinto zizobahambela kangcono uma sebeseqenjini lesizwe lika-Under 23 oReeve Frosler noNkosingiphile Ngcobo abaphoxekile kwiCAF Champions League ngempelasonto. Laba badlali abasebancane beKaizer Chiefs akubahambelanga kahle kowamanqamu beshaywa yi-Al Ahly ngo 3-0 kowamanqamu eMorocco.

UFrosler noNgcobo ababanga nomdlalo omuhle eStade Mohammed V eCasablanca njengoba i-Al Ahly ivele yabakhombisa ukuthi basadinga amava ngaphambi kokuncintisana nayo. Kodwa ke bazothola ithuba lokusheshe bakhohlwe yilokho uma sebejoyina ontanga yabo kuma-Olympics.

Laba badlali basuke eMorocco babamba indiza eya eTokyo eJapan la bezohlangana khona nozakwabo beqembu lesizwe lika-Under 23. Nokho akubonakali bezokwazi ukudlala emdlalweni wokuqala waleli qembu ngoLwesine. Elakuleli lizobhekana nelasekhaya, iJapan.

Ekhuluma ngesikhathi esesendleleni ebheke eTokyo, uNgcobo uthe leli thuba lokudlala kuma-Olympics lifike kahle ngesikhathi besashisa bephuma kwiChampions League. Uthi le midlalo enzima ababhekane nayo kulo mqhudelwano ongomkhulukazi emaqenjini e-Afrika inafudumezile, yabanika namava.

“Yithuba elihle kakhulu ukuya kuma-Olymoics. Ukudlala kowamanqamu kwiChampions League bekuyinto enhle nesinyusele amava kakhulu njengabadlali, futhi ngiyakubonga kakhulu lokho. Kodwa manje sengibheke ukuthola ithuba lokudlala eTokyo bese ngizithuthukisa njengomdali,” kusho uNgcobo.

Uzakwabo, uReeve Frosler yena uthe ukuba yingxenye yeqembu lakuleli elizodlala kuma-Olympics ngelinye igxathu elihle empilweni yakhe.

FUNDA NALA: OweMaritzburg uchitha eyokudayiswa kweqembu, uvuma ubunzima

“Kuwumuzwa omnandi kimi futhi lokhu yimpumelelo enkulu. Ngizothola ithuba lokukhombisa ithalente lami enkundleni ephezulu kubuka umhlaba wonke, ngijabule kakhulu ngalokho. Sizothatha amava esiwathole kwiChampions League sihambe nawo siye kuma-Olympics.

“Ngethemba ukuthi ngizolithola ithuba lokudlala imidlalo embalwa kuleli zinga, ngikhombise itahlente lami emhlabeni jikelele,” kusho uFrosler.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *