UFrosler unezinkumbulo ezinhle ngowomkhaya, ufuna ukwenza ezintsha

UFrosler unezinkumbulo ezinhle ngowomkhaya, ufuna ukwenza ezintsha
UReeve Frosler
OkaDonga Gumbi

Ukuqokwa njengoMdlali oVelele emdlalweni womkhaya baseSoweto yinto engenza umdlali osemncane abe nomfutho wokwenza kangcono, akhule ebholeni.

Yilokho okwenzeka kuReeve Frosler weKaizer Chiefs ngemuva kokuqokwa njengobevelele kulo mdlalo ngesizini edlule.

Uthi lokhu yinto ayohlale eyikhumbula kodwa ufuna ukuphinde enze ezintsha izinkumbulo uma sebebhekene ne-Oralndo Pirates.

UFrosler ngomunye wabadlali abangase baqale lo mdlalo ozoba se-Orlando Stadium ngoMgqibelo ntambama. 

“Bekungesizini edlule… Ngisakhumbula kahle impela,” kusho uFrosler ngale ndondo yakhe okufanele ukube ibekwe endaweni la ibonwa khona yiwo wonke umuntu ongena kwakhe.

“Okwenza umehluko ngalelo langa wukuthi sasidlala kahle siyiqembu, sibambisene. Uma iqembu lidlala kahle, nabadlali ngamunye bayagqama.

FUNDA NALA: AmaZulu alandela ezinyathelweni zeChiefs

“Futhi ngoba sasenza kahle siyiqembu, nami ngabe sengenza kangcono kakhulu kunokujwayelekile,” kuchaza yena.

Manje usebheke umdlalo wangoMgqibelo ngabomvu athi unokwethuka okuncane ngawo futhi ufisa ngabe nabalandeli bebezoba khona.  

“Ngijabule… kukhona ukuthuka okuncane lapha nalaphaya. Kodwa akukubi kangako ngoba abalandeli bazobe bengekho enkundleni.

“Kodwa besingathanda babekhona ngoba sesibakhumbule… Kodwa noma kunjalo ke umdlalo sesiwubheke ngabomvu.

“Ngethemba ukuthi ngizolithola ithuba lokwenza into yami. Ukuzilungiselela ngibuke umdlalo wethu neBaroka.

“Bengibheka indlela engidlale ngayo ukuthola la ngenze kahle khona nala kudingeka ngiqinise khona.

“Kubalulekile ukuzihlola wena ukuze uzokwazi okumele uqhubeke nokukwenza nokumele ukugweme emdlalweni olandelayo.”

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.