UFrosler usabheke ukudla izicoco neChiefs kule minyaka ezayo

UFrosler usabheke ukudla izicoco neChiefs kule minyaka ezayo
UReeve Frosler
OkaDonga Gumbi

UReeve Frosler usehlale kwiKaizer Chiefs iminyaka ecela kwemithathu kodwa akakaze ayiphakamise indebe.

Kwisizini yakhe yokuqala kuMakhosi uFrosler kwasala kancane ukuthi bayithole indebe yeDStv Premiership.

Ngalowo nyaka Amakhosi ayigeja ngosuku lokugcina lwemidlalo yeligi le ndebe njengoba kwakufanele ashaye iBaroka ukuze abe ngompetha kodwa agcina ebambana nayo.

Sekudlule enye isizini kusukela kwenzeka lokho kanti nezilonda zakho sezize zaphola yize izibazi ziyihlale zibakhumbuza abalandeli.

UFrosler usayine eminye iminyaka emine kwiChiefs engeza kule aseyihlalile kanti uthi into aseyifisa wukusiza iqembu liphinde lidle izicoco.

Seyicela eshumini manje iminyaka Amakhosi agcina ukuqubula indebe nanoma eyaluphi uhlobo.

“Sekucishe kwaphela iminyaka emithathu kusukela ngafika la eqenjini,” usho kanje uFrosler ekhuluma nabeChiefs.

“Ibe mihle leminyaka ngilana. Ngijabule ngokuthi ngiyivuselelile inkontileka eyenza ngiqhuebeke ngihlale lapha,” kuqhuba lo mdlali oneminyaka engu-24.

FUNDA NALA: Ama-Ravens afuna abantu bangenele imijaho yawo ngobuningi

Amakhosi azoqala umkhankaso wawo weNedbank Cup ngomdlalo ongelula la ezogadulisana khona neTS Galaxy ngoMgqibelo.

IGalaxy iyona eyaphoxa iChiefs ngo-2019 iyishaya kowamanqamu kulo mqhudelwano isadlala esigabeni esiphansi iGladAfrica Championship.

“Izinto zizolunga futhi sinethemba lokuthi sizoqala siwine izindebe. Sizobhekana neTS Galaxy kwiNedbank Cup futhi singakwazi ukuhamba size siyidle le ndebe.

“Okwamanje kodwa sizobhekana nomdlalo ngamunye bese sizama ukwenza okusemandleni ukuwuwina,” kusho uFrosler.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.