Ufuna badlalise okweziqhwaga kwesele uMokhele

UMaloisane Mokhele weChippa United

MTHOKOZISI MNCUSENI

Ukuzibekisela kweChippa United indawo kowamanqamu kwiNedbank Cup abazoyidlala neTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) kwenza uMaloisane Mokhele wamaChilli Boys azibone eseyisidlakela.

Lo mdlali wasesiwini weChippa ungomunye wabamqoka kule sizini kwazise usedlale emdlalweni engu-21 uma uyihlanganisa yonke imiqhudelwano.

Ngemuva kokuzifaka emathubeni okuqopha umlando ngokudla iKe Yona, uMokhele ufuna basebenzise lokhu kuhlabana ukusabisa amaqembu abazobhekana nawo kwesele yeligi.

EzikaSiviwe “Chippa” Mpengesi zihambela phezulu kulezi zinsuku yize ziphoqwe ukuba zihoxise ukuqasha umqeqeshi waseBelgium, uLuc Eyamel onuka iqaqa kuleli.

Leli qembu belifuna ukuqasha u-Eymael nje yingoba izinto azihambi kahle kwiligi kodwa kwiNedbank Cup konke kuhamba ngokohlelo.
NgoLwesibili ngo 3 ntambama, iChippa izokwamukela iBaroka FC kwiDStv Premiership, eNelson Mandela Bay Stadium.

“Ukungena kowamanqamu kwiNedbank Cup yikhona okufanele sisabise ngakho wonke amaqembu azobhekana nathi kusukela manje.

“Ngeke ibe nosuku oluhle iBaroka ngiyafunga ngoba izofika kithi siyilungele kakhulu kunalokhu ekujwayele uma ibhekene nathi. Sisekhaya futhi indawo esikuyona kwilogi isibangela amahloni.

“Siyazi ukuthi nayo iBaroka iyawadinga amaphuzu njengoba isobishini olufanayo nalolu esikulo, kodwa sekonakele manje. Uma sinqoba kuyo siyazi sizobe sesinamaphuzu angu-20,” kusho uMokhele sakusonga.

Akukuhle nokho uma ubuka isibalo samaphuzu eChippa bese ubheka la ikhona njengoba nemidlalo isiyela ngasemaphethelweni. Isendaweni yesibili uma usuka emsileni ngamaphuzu angu-17 emidlalweni engu-22.

La iChilli Boys ikhona ilandela i-TTM abazodlala nayo kowamanqamu kwiNedbank Cup kwazise yona (i-TTM) ikweyesithathu indawo uma usuka emsileni ngamaphuzu angu-19 kwengu-21 imidlalo.

Kungenxa yalokhu uMokhele ekholelwa ekutheni kufanele badlalele ukufa nokuphila kuyona yonke imidlalo ebasalele.

“Yonke imidlalo esisalele ingeyamanqamu manje ngoba akusizi ukujabulela impumelelo kwiNedbank Cup kodwa iqembu liwele endaweni engafanele.

“Kufanele sibe izidlakela kule midlalo esele ngoba wonke umuntu uyazi ukuthi siyodlala owamanqamu weNedbank Cup,” kusonga uMokhele.

Email: mthokozisi@impempe.com
Twitter: @MthokozMncuseni
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.