Ufuna bazoyiqedela ekhaya iJwaneng uMotswari wePirates

UBen Motswari we-Orlando Pirates enozakwabo uGabadinho Mhango ejimini

OKADONGA GUMBI

Ihambela phezulu i-Orlando Pirates ekhombise izimpawu zokuvuka emaqandeni ngesikhathi ibamba iCape Town City ngenduku ka 2-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili.

IBucs beyikade ibambe isigqi sonwabu ngaphambi kwalo mdlalo okwakunokwesabela ukuthi iCity ingase ibembule izinqa kubuka izwe kuwo.

Kodwa umdlalo omuhle okhonjiswe yiPirates kulo mdlalo ubuyise ithemba lokuthi izinto ziyalunga kancane kancane kuleli qembu likaJosef Zinnbauer.

Yingakho nje umdlali oyinjini esiswini seBhakaBhaka, uBen Motswari efuna bangabe besawuyeka lowa mgqigqo owenza bakora amagoli amabili emizuzwini emihlanu umdlalo uqalile.

Kule mpelasonto iPirates ibuyela emkhankasweni wayo weCAF Confederations Cup njengoba sekusele kancane ingene esigabeni samaqoqo kulo mqhudelwano.

IBucs izoya la komakhelwane eBotswana iyogadulisana khona neJwaneng Galaxy eNational Stadium ngeSonto ntambama emdlalweni wokuhlunga amaqembu azodlulela esigabeni samaqoqo.

“Amalungiselelo ahambe kahle kakhulu, ikakhulukazi ngemuva kokushaya iCape Town City ngo 2-0 ukuzethemba nomfutho wethu kubuyile,” kusho uMotswari.

Lo mdlali ozalwa eRandfontein, eGoli uqhube wathi okuhle ngalo mdlalo wokuthi bayayazi iJwaneng kwazise sebeke bayibona idlala futhi ngeke bayithathe kancane.

“Siyaphuma siyobhekana neJwaneng Galaxy eBotswana. Kuzoba nzima, kodwa sibabonile ngesikhathi bedlala neMamelodi Sundowns.

“Okubaluleke kakhulu kithi wukuthi singangenelwa goli bese sibuya sizoqedela umsebenzi lapha ekhaya,” kusho le nsizwa eneminyaka engu-29.

IJwaneng isidlala kuConfed Cup nje yakhishwa yiSundowns esigabeni sokuhlunga kwiCAF Champions League futhi selokhu yagcina ukudlala umdlalo wangempela ngoDisemba.

Izinto eziningi zivuna eZimnyama kulo mdlalo kodwa kuyobe izigwaza ngowayo uma ike yalithatha kancane leli qembu elingompetha beligi eBotswana.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.