Ufuna ukuhlonishwa abizwe ngo-Sir uBenni woSuthu

UBenni McCarthy

 

UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

UBenni McCarthy ocija AmaZulu FC uzethemba ngendlela esezingeni eliphezulu, futhi ubona ukuthi kumele ahlonishwe nabanye abaqeqeshi asebenza nabo kuSuthu.

AmaZulu avale unyaka ngokushaywa yi-Orlando Pirates ngo 2-1. Nokho ngaphambi kwalokho enze obekungalindelwe ethela othulini iMamelodi Sundowns ngo 1-0 ebiqala ukushaywa selokhu kuqale isizini.

“Akekho umqeqeshi ongenza lokhu esikwenzile kuMaZulu. Lutho nje akekho,” kusho uBenni ngemuva komdlalo wezakhe nePirates.

“Noma yimuphi umqeqeshi ubengeke ahlale lapha amamatheke ngoba akekho noyedwa ongabe uzuze lokhu esesikuzuzile, anginandaba ukuthi abantu bathini.

“Kumele ngabe siyahlonishwa sibizwa ngoSir. Sir Benni McCarthy, Sir Moeneeb Josephs, Sir Siyabonga Nomvete, Sir Vasil Manousakis. Kumele sihlonishwe ngesikwenzele AmaZulu.”

AmaZulu aqede endaweni yesibili ngesizini edlule aphinde azibekisela indawo kwiCAF Champions League adlala kuyona njengamanje. Usuthu yilona iqembu ebelijaha iSundowns egcine ingompetha beligi ngesizini edlule.

Isizini yaMaZulu ayiyinhle kangako kulokhu njengoba emidlalweni engu-20 awine emihlanu, adlala ngokulingana engu-12, ase eshaywa kwemithathu. Yilona lodwa iqembu eselidlale imidlalo engu-20 nokuchaza ukuthi lisele nemidlalo eyishumi kuphela kule sizini.

Usuthu luzobuyela emidlalweni yeDStv Premiership ngoFebhuwari 16 lapho luzotholana khona phezulu neTS Galaxy, ezingayihambeli kahle izinto, eJonsson Kings Park.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.