Ufuna ukwandisa isibalo sabadlali azokhetha kubo owebhola lomnqakiswano

Ukaputeni weSpar Proteas, uBongiwe Msomi

OKADONGA GUMBI
Uzosebenzisa imidlalo yeSpar Challenge Tri Nations ukubheka ukuthi yibaphi abadlali asebekulungele ukungena eqenjini lesizwe ngokugcwele uDorette Badenhorst, opheka iSpar Proteas.
Abadlali bakhe kumanje basekhempini balungiselela le midlalo abazobhekana kuyo ne-Uganda neNamibia eKapa kusukela ngoMashi 25.
Njengoba iningi labadlali abajwayelekile eqenjini lesizwe lingatholakali ngenxa yokuxineka emaqenjini abo, uBadenhorst usebenzisa ithuba ukwandisa isibalo.
“Siqale ngesineke, abanye bebesesimweni esihle okukhomba ukuthi bebeqhubeka nokuzilolonga, abanye bekungenjalo. Kodwa bonke bebengekho ezingeni esilifunayo,” kusho lo mqeqeshi.
Uthe bayakuqonda lokhu kwazise bekuvalwe yonke into ezweni ngenxa yeCovid-19, ngakho abadlali bebezicija ngabodwana emakhaya.
“Besisebenzisa iSports Scientist ebesibahlelela izindlela abangazicija ngazo besemakhaya, kodwa akubona bonke abalulandelile lolu hlelo.
“Iqembu lakhiwe ngabadlali esabakhethe kwiTNL kanti abanye sabaqoka ngemuva kweSpar National Champs.
“Ngicabanga ukuthi kubakulekile ukuthi sandise isibalo sabadlali esiqoka kubo abeqembu lesizwe.
“Kuyokwenzeka kufike isikhathi la abanye bengatholakali bese sidinga abanye. Singajabula ukuba nabadlali abane endaweni ngayinye.
“Ukudlala ne-Uganda neNamibia yithuba elihle ngoba ukudlala njalo yikhona okuzosenza sibe ngcono. Kuzonika nabadlali abasha eqenjini ithuba lokujwayela.
“Ngemuva kwale midlalo sizoba nesithombe esicacile sokuthi yibaphi abadlali abazimisele ngokukhula bamele izwe ngenkuthalo,” kusho uBadenhorst.
Iqembu leSpar Proteas lime kanje: Khanyisa Chawane, Izette Griesel, Romé Joubert, Nonsikelelo Mazibuko, Tshinakaho Mdau, Sian Moore, Nozipho Ntshangase, Simoné Rabie, Monique Reyneke, Renske Stoltz, Chantelle Swart
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *