UGabaski uveza ingxoxo yakhe noSalah ngephenathi kaMane

UGabaski uveza ingxoxo yakhe noSalah ngephenathi kaMane
USadio Mane, Mo Salah noGabaski
OkaDonga Gumbi

Ngaphambi kokuthi uSadio Mane ashaye iphenathi ewinise iSenegal i-Africa Cup of Nations ngeSonto, uzakwazo kwiLiverpool uMo Salah ugijime waya kunozinti wangakubo e-Egypt uGabaski.

Babonakale beba nengxoxo kwabe sekusondela noMane engenelela kule ngxoxo yabo okugcine kungazwakalanga ukuthi beyithini.

Abanye baqagele ukuthi bebebonisana ngokuthi uzoyishaya ngaphi iphenathi uMane yena ezozama ukuzwa ukuthi bahleba bathini.

Nokho uGabaski usegcine ekuvezile ababekumunyunga kulowa mhlangano omncane ababa nawo ngokokubika kwephephandaba laseLiverpool i-Echo.

Uthi vele into ayeyizele kuye uSalah ukumkhumbuza ukuthi uMane uyishaya ngaphi iphenathi kodwa wafika lo mgadli ezozama ukumdidisa.

“USalah wathi kimi: ‘uMane usoyishaya ngakwesokudla le phenathi yakhe kodwa nangu naye eseza ngoba uyazi bengithini kuwe.’

FUNDA NALA: OweTTM uthi basangayiphinda indebe yeNedbank Cup

“UMane yena wabe esethi kimi: ‘Kulokhu ke ngizoyishaya kwesokunxele le phenathi’. USalah wathi: ‘sizoke sibone ke ngalokho’.

UMane noSalah kulindeleke baphinde bahlangane kwiLiverpool uma seyibhekene neLeicester City ngoLwesine la bezobe sebebambisene khona bengezona izimbangi.

Kuzothatha amehlo nokubona ukuthi ozakwabo babamukela kanjani kwazise omunye wabo ubuye enyubukele kwi-Afcon kanti omunye izihlathi ziyaqhilika.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.