Ugajwe yinjabulo, zazehlela izinyembezi kuBvuma kuwina iChiefs

izinyembezi kuwina iChiefs kuBvuma
UBruce Bvuma
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Uvele wayidedela imvula yezinyembezi unozinti weKaizer Chiefs, uBruve Bvuma ngemuva kokwenza omkhulu umsebenzi beshayela iWydad Athletic ekhaya ngoMgqibelo.

IChiefs iwine ngo 1-0 emdlalweni womlenze wokuqala womdlalo owandulela owamanqamu kwiCAF Champions League. UBvuma uvimbe inqwaba yamabhola anzima abededelwa abagadli beWydad.

Ubavale imilomo labo abebesola ukuqokwa kwakhe ukuba aqale umdlalo ngaphambi kuka-Itumeleng Khune noDaniel Akpeyi. Kuthe uma kuphela umdlalo engangenelwanga goli, waguqa phansi zazehlela izinyembezi.

Ebuzwa ngalokkhu ngemuva komdlalo, umqeqeshi weChiefs obambile, u-Arthur Zwane uthe bekuyizinyembezi zenjabulo ngenxa yezinto abazixoxile ngaphambi komdlalo.

“Ngicabanga ukuthi uBruce uyakhula kakhulu kulo msebenzi wakhe futhi ungumfana ozikhandlayo. Sisondelene kakhulu njengoba sasisonke enkulisa phambilini,” kusho uZwane.

“Kuthe ngaphambi komdlalo ngamtshela ukuthi sizodinga ukuthi angangenelwa goli. Ngimcele enze konke angakwazi ukukwenza ukuqinisekisa ukuthi ibhola alifiki enethini yakhe. Ngithe lokho kuzomsiza kakhulu ekuzakheleni kwakhe igama kubalandeli.

“Kwenzeke ngendlela ebesihlele ngayo, mhlawumbe yingakho evele wagajwa yimizwa ngemuva komdlalo ngoba ubejabulele ukuthi akangenelwanga goli.

“Kodwa ke sisasalelwe yimizuzu engu-90 okumele siyidlale okumele nakuyo siqinisekise ukuthi asingenelwa goli, bese sithola elinye igoli ukuze siqede ngabo,” kusho uZwane.

IChiefs iyihlula nje iWydad beyisidlale imidlalo engu-12 ingayazi induku, kuyiyo evulela isibhaxu. Ngemuva komdlalo, abadlali nabaqeqeshi bayo bebebonakala ngisho emehlweni ukuthi abayikholwa le ebehlele.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.