UGama utusa ukwanda kwemijaho yamahhashi ama-amesha eKZN

UGama utusa ukwanda kwemijaho yamahhashi ama-amesha eKZN
Alfred Ngubane 

UMdubane Gama, ongumnikazi wamahhashi anohlonzo KwaZulu-Natal uthi bayakuthakasela ukwanda kwemijaho yamahhashi kulesi fundazwe.

Uthi lokhu kuvula amathuba omsebenzi kubantu kwazise bathola amathuba okudayisa kule micimbi bese kuthi labo abanqobayo bayakwazi ukuqhuba izifundo zabo emanyuvesi.

“Kuvuleka amathuba abantu bacoshe amasenti okuthi bakwazi nokuphosa okuthile emakhaya. kulale kudliwe,” kusho uGama.

UGama uphethe izinkalakatha zamahhashi okukhona kuzo iNxakanxaka, okuyiyo ebhekwe ekudleni umhlanganiso kwiKing Cetshwayo Horse Race ozoba ngempelasonto yomhla ka-24.

Lo mjaho usuvele ubhekwe ngabomvu amehlo ngabanikazi bamahhashi nojokhi babo ngokufanayo.

FUNDA NALA: Uzozigabavulela yedwa uJordaan emjahweni wokwengamela iSafa?

UGama ube esecela komasipala ukuthi balethe usizo lwamahhashi njengoba kushoda ukudla kwawo okwenza kuqanse kubo ukuwagcian esesimweni esifanele sokugijima.

Kumahhashi alindeleke kulo mjaho kukhona iNxakanxaka, iComputer, iSgwebo, iNdidane namanye amaningi kanti kubhekwe ukuthi kube khona naphuma emazweni angomakhelwane.

Ngokusho kwabahleli bawo lo mjaho, inhloso yawo wukuhlonipha iSilo esesakhothama uCetshwayo nokuqinisekisa ukuthi uyohlale ekhumbuleka.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.