UGavin Hunt ubona iChiefs inethuba kwiWydad koweCAF

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uGavin Hunt

OKADONGA GUMBI

Ukudlalelwa enkundleni womabili amaqembu angayijwayele kunika umqeqeshi weKaizer Chiefs, uGavin Hunt ithemba lokuyixhopha iWydad Athletic emdlalweni weCAF Champions League ngeSonto.

Lo mdlalo owahlehliswa emavikini amabili edlule, usuzodlalelwa e-Ouagadougou eBurkina Faso ngenxa yokuthi awavunyelwe amaqembu akwamanye amazwe eMorocco.

“Besivele sazi ukuthi lo mdlalo uzogcina ubuyele ensimini, ebesingakwazi wukuthi uzodlalelwaphi,” kusho uHunt. Kuke kwanamahlebezi okuthi iChiefs ingase inikwe amaphuzu amathathu ngenxa yokuthi iWydad iphule imithetho yeCAF ngokuyinqabela ukuza eMorocco.

Kodwa iCAF inqume ukuthi umdlalo utholelwe enye indawo kunokuba ilandele imithetho yayo ethi uma iqembu lenqatshelwe ukudlala ngenxa yezimiso zeCoronavirus liyothathwa njengeliwinile.

“Izwe engingazake ngilubhade kulo yiBurkina Faso. Sengike ngaya eMorococo, ngaya eTunisia… Sengike ngadlala cishe kuwo wonke amazwe (ase-Afrika).

“Kodwa la ngiyaqala. Kumele ngicubungule ngenkundla, ngithole ukuthi ingakanani futhi ikuphi nendawo. Lokhu (ukudlalela eBurkina Faso) kuyabacindezela nabo (iWydad).

“Yibona iqembu elingcono eqoqweni lethu ngenxa yamava abo kulo mqhudelwano. Nginethemba kodwa lokuthi singabuya nomphumela ojabulisayo,” kuqhuba uHunt.

Amakhosi awuqale ngokuqoqa iphuzu elilodwa umkhankaso wawo kuleli qoqo elingelesithathu kwamane kulesi sigaba seChampions League.

IChiefs ihlulwe ukusebenzisa amathuba yaphinde yaba nebhadi lokuphikelwa igoli ibambana ngo 0-0 neHoroya Athletic eFNB Stadium ngoLwesibili ebusuku.

“Ngijabhile ngomphumela, ngicabanga ukuthi senze okwanele ukuthi besingawina. Kodwa ke linjalo nje ibhola – uma uliqonda uzokwazi ukuthi izinto ezinjena ziyenzeka.

“Besilokhu sizamile ukubagqekeza (emuva). Wumphumela omuhle wona lo kodwa uyaphoxa ngoba besisekhaya,” kuchaza uHunt.

Amakhosi ayibhakuzise kabili inethi emizuzwini eyishumi yokuqala esiwombeni sesibili, kodwa womabili amagoli kaSamir Nurkovic wawaphika unompempe ethi uwashaye esesendawni engamfanele.

“Sishaye amagoli amabili, elinye obekungezeka ubesesendaweni engamfanele kodwa leli elinye angibonanga kahle ngalo ngathi bekungamele liphikwe.

“Abadlali bazamile. Bebezinikele. Bekumele siwuwine lo mdlalo kodwa ke akwenzekanga kanti kumele siqhubeke silwe sibheke phambili,” kusho uHunt.

Email Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe

Leave a Reply

Your email address will not be published.