UGavin Hunt unezinsolo ngokumiswa kweligi kuleli

Akayiboni into eyekelwe imidlalo yePSL uGavin Hunt
Umqeqeshi weSuperSport United uGavin Hunt

 

UGavin Hunt usale eseqagelela ekutheni yingenxa yabaxhasi beligi ngokuthi kumiswe imidlalo kuleli ngenxa yeNdebe yoMhlaba eseQatar.

Lo mqeqeshi onamava kwiligi yakuleli uthi akasiboni neze izidingo sokuthi imidlalo yakuleli imiswe ngoba akukho mdlali oseQatar. 

“Mhlawumbe kunokwenza neDStv. IDStv iyona exhasa iligi futhi ikhona naseNdebeni yoMhlaba,” kusho uHunt kuleli viki. 

“Yingakho ngicabanga ukuthi mhlawumbe bebengeke bakwazi ukuveza yonke le midlalo kanyekanye.”

Iligi yakuleli yama kusasele amaviki amathathu kuqale le Ndebe yoMhlaba edlalwayo manje.  

“Kodwa besingadlala imidlalo embalwa (ngaphambi kokuqala kweNdebe yoMhlaba) ukube basinika isikhathi. 

“Phela thina sama kusasele amaviki amathathu wonke, besingayidlala imidlalo eyisithupha noma eyisikhombisa kuleso sikhathi.”

FUNDA NALA: Kumiswe abadlali kwelePSL befiak ejimini bebukhile

UGavin Hunt, okumanje uqeqesha iSuperSport United engelinye lamaqembu akhombisa ukusihalela isicoco seligi, uthi imidlalo izosondelana kakhulu uma seyibuyela enkundleni. 

“Manje sesizodlala ngoDisemba 30, ngoJanuwari 3 nangoJanuwari 6… kuzobe kuyale kuyale. 

“Mhlawumbe bekungaba lula ukuba uJanuwari uuzosetshenziswa njengelinye ithuba lokulungiselela ukuvula iligi. 

“Iligi yase-Egypt yona iyaqhubeka, iligi yaseMali nayo ayimile. Uma ngibheka amaligi amaningi e-Afrika ayaqhubeka nemidlalo yawo. 

– Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *