Ugcwele ukuzethemba uMasutha ngeqembu lakhe elisha

UJoel Masutha

OKADONGA GUMBI
Usebuyile ekuqeqesheni uJoel Masutha futhi uzimisele ukwenza kwiPretoria Callies lokhu akwenza kwiBlack Leopards phambilini – ukuyisusa kwiGladAfrica Championship ayinyusele kwiDStv Premiership.
UMasutha wethulwe ngokusemthethweni njengomqeqeshi weCallies ngoMsombuluko kusihlwa kanti usihlalo waleli qembu, uMoses Malada uthe akazukumxina kodwa uzomnika isikhathi ukuthi azinzise iqembu kulesi sigaba.
“Uzokhumbula ukuthi sithe siqeda emidlalweni yokuhlunga kwi-ABC Motsepe League sangasithola isikhathi esanele sokuzilungiselela ngoba kwakumele kuqale iligi.
“Singabantu abanesineke. Yingakho sisabe nabaqeqeshi abahlanu kuphela kusuka sisekumaligi eSafa kuze kube manje. Kungaba asenzi ubulungiswa uma singambekela umgomo wokuthi alenyuse manje iqembu,” kusho uMalada.
“Kodwa ngoba ithuba lokuthi mhlawumbe siphelele endaweni yokungena kuma-playoffs likhona, singakujabulela uma kungenzeka kodwa asikujahile.
“Sifuna azinzise iqembu okwamanje, bese kuthi ngesizini ezayo alwele ukulenyusela esigabeni esingaphezulu. Sizibekele amasizini amathathu sikulesi sigaba,” kuchaza uMalada.
UMasutha useke wahlala ebhentshini leRomans njengoba bese kuphethe yena bebambana neJomo Cosmos ngempelasonto, kanti kumjabukisile futhi kwamnika ithemba akubone kubadlali bakhe athi basheshe basibamba isitayela sakhe.
Yingakho enethemba elikhulu lokubuya namaphuzu agcwele eLimpopo la beyobhekana khona nePolokwane City emdlalweni weligi ngoLwesibili ntambama.
Leli qembu lisendaweni ka-11 njengamanje kanti lisilele ngamaphuzu ayishumi kwiSekhukhune United eqhwakele kwiChampionship.
“Siphuma emdlalweni esibambanile kuwo neCosmos kanti manje sekuyiPolokwane City ephambi kwethu, eyiqembu wonke umuntu alaziyo ngoba belikwiPremiership. Ngakho, ukhuluma nje iqiniso, uma ulazi ibhola uzokwazi ukuthi iqembu eliphekwa ngu(Johnny) Ferreira lidlala ibhola elimnandi elinongwe ngomjiko – uyawuthanda kakhulu umjiko,” kusho uMasutha.
“Kodwa ke nathi asihlukile kakhulu kulokho, futhi umdlalo uzoba mnandi ngoba ngeke sibayeke bazenzele umathanda. Abadlali bami bayazethemba.
“Kuzobe kuhlangene amaqembu amabili ahlaselayo futhi nginethemba elikhulu sizophuma nawo ephelele amaphuzu.”
Imidlalo yeGladAfrica Championship
NgoLwesibili: FS Stars v Cosmos; University of Pretoria v Steenberg United; Polokwane v Callies; CT All Stars v Richards Bay
NgoLwesithathu: CT Spurs v TS Sporting; Uthongathi v JDR Stars; Pondo Chiefs v Cape United; Royal AM v Sekhukhune United
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.