Ugezeke ngaphakathi bebuya namaphuzu agcwele eVenda owe-Arrows

UKnox Mutizwa noVelemseni Ndwandwe beGolden Arrows

MTHOKOZISI MNCUSENI

Ukungadikibaliswa ukungenelwa yigoli emizuzwini yokuqala kwabadlali beLamontville Golden Arrows ezibuyisele zishisa kwiBlack Leopards yagcina iyinenebula ngo 3-1 kwiDStv Premiership, yikhona okugqamele uMandla Ncikazi opheka Abafana Bes’thende.

I-Arrows eshayelwe ekhaya yiLeopards emasontweni amabili edlule, iziphindisele ngesibhaxu esinzima kade ilandela ngemuva.

Iqembu lasekhaya lithole igoli ngomzuzu wesine kodwa i-Arrows yabuya ngamathathu eshaywa ngoVelemseni Ndwandwe, Seth Perusnath noKnox Mutizwa.

Indlela i-Arrows ebhukule ngayo yathola lo phumela isimo sezulu singavumi yikhona okwenza uNcikazi aziqhenye kakhulu ngabadlali bakhe.

“Ubunzima ngendlela eyisimanga lo mdlalo njengoba vele besilindele. Akulula ukudlala neLeopards ekhaya ngoba isimo sezulu siba yinkinga.

“Kube yilelo bhadi nje sangenelwa yigoli umdlalo usanda kuqala ngoba nakhona bengibona kuyithina esiwuphethe umdlalo.

“Angikusho kugcwale umlomo lokhu, ngihlabeke umxhwele ngendlela abafana ababhukule ngayo bangakuvumela lokhu ukuthi kubadikibalise!

“Asizange siyeke ukulwa ngemuva kokungenelwa yileli goli kodwa sibhukule sonke. Iyajabulisa le nto engiyibone namuhla ngoba umdlalo ubunzima,” kusho uNcikazi.

UNcikazi, osebeke i-Arrows endaweni yesine kwi-log, uthi ukubona konke kodwa ukuthi amaphuzu bawaqoqe egcwele kumgeza ngaphakathi.

“Esiwombeni sesibili nakhona abukho ubungozi esike sabhekana nabo ngoba konke abebekwenza besikulindele.

“Bengazi ukuthi bazokhuphuka ngoba sebefuna igoli kodwa lokho bekusisiza ngoba kulapho kuvele khona amathuba okuqinisekisa umphumela.

“Okungijabulisa kakhulu kunakho konke ukuthi sithole amaphuzu amathathu amqoka endaweni okungabuyi lutho kuyo sibhekene neqembu elinzima,” kusonga lo mqeqeshi obengasayazi iwini (uma uzoya ngokwefomu ye-Arrows eyiwinise i-Q2).

Email: mthokozisi@impempe.com
Twitter: @MthokozMncuseni
Facebook:Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.