Ugila izimanga kwezemidlalo uMpilo ozalwa yisihlabani seNetball

Ugila izimanga kwezemidlalo uMpilo ozalwa yisihlabani seNetball
UMpilo Khomo
UDABA: Alfred Ngubane 
ISITHOMBE: Twitter 

Kusuke kuqinisiwe uma kuthiwa ukhamba lufuze imbiza uma ubheka impumelelo kaMpilo Khomo ongumsubathi oneminyaka eyishiyagalombili waseMgababa.

UMpilo uyindodana kaJessica Khomo wodumo kwiSpar Proteas neKingdom Stars.

Lo msubathi ungomunye wabagile izimanga ngesikhathi emele iKwaZulu-Natal kwiNational Schools Championship maduze nje.

“Mpilo uthi uqale ukuba nothando lwezemidlalo ngemuva kokubona unina kumabonakude.

“Okunye wukuthi umama ubengithatha ahambe nami uma eziqeqesha.

“Ngibe sengiqala ukudlala iHockey esikoleni,” kusho uMpilo ekhuluma neMpempe.

Ngenxa yokuba namakhono ahlukene kwezemidlalo udlala nebhola lezinyawo, uyasubatha bese edlala neHockey.

Uthi uhlale ezinikele kwezemidlalo ngaso sonke isikhathi. Usheba imfundo nezemidlalo njengoba nezokubhukuda kuyena azisali ngaphandle.

“Isifiso esikhulu enginaso wukuthi ngigcine ngimele izwe kuka-Olympics nakwiDiamond League.

“Ukudlala kwami yonke imidlalo nje ngihlale ngijabule kanti nomsebenzi wesikole awusaleli emuva ngoba uhamba kahle,” kusho yena.

FUNDA NALA: Ifice amaketanga nengidi esangweni iCity ithi iyodlala neChiefs

Ngesikhathi Impempe ixhumana nonina, uqale wamamatheka washo ukuthi kummangazile ukudlondlobala kwendodana yakhe kwezemidlalo.

“Ngibonga kakhulu uMdali ngoba kuzomvikela kumbulalazwe wezidakamizwa.

“Ngihlale ngimeseka njalo. Ngiyafisa abazali bebala elimnyama ukuthi bazeseke izingane zabo ngoba ziyifa lezwe lakithi.

“Inkunzi isematholeni ngakho ezemidlalo namuhla zibeka isinkwa etafuleni,” kusho uJessica.

“Abazali abaningi bayahluleka ukweseka izingane zabo ezinye zigcina zidikibele nokuqhubeka nezemidlalo zingene ezidakamizweni ngokukhohlisana nabangani abangalungile.”

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.