UGINGQIGONGQO: Sekuqhwakele iRoyal AM kwiGladAfrica Championship

UKabelo Mahlasela

OKADONGA GUMBI

Igxume yahlala phezulu okokuqala kule sizini kwiGladAfrica Championship iRoyal AM kulandela ukushaya iTS Sporting ngo 2-1 ngoMgqibelo ntambama.

Womabili lamaqembu asembangweni okulindeleke uqanse kakhulu wokudla isicoco kulesi sigaba, esihambisana nokunyuselwa kwiDStv Premiership.

Kuyiwew ekhefini zibambene ngo 1-1, kanti bezikhiphana inkani ngomdlalo. NguKabelo Mahlasela ovule inkundla wabekeka iqembu lasekhaya phambili.

Kodwa uQuentin Debouto walithola elokulinganisa neleze kuyiwe ekhefini zibambene. Nasesiwombeni sesibili bezisahubhana kucaca ukuthi zombili ziwafuna ephelele amaphuzu.

Kodwa kugcine kuyiRoyal ephume eChatsworth Stadium imoyizela ngemuva kokuthi u-Ange Lebahi ebe nebhadi lokushaya igoli ngakubo.

Lo mphumela uthathe iRoyal wayibeka ngaphezulu kweRichards Bay eyishiya ngamaphuzu amabili. Nokho izinto zisangajika, iNatal Rich Boyz ibuyele eqhulwini uma ingawina kwiJDR Stars ngeSonto.

ISekhukhune United nayo ibuyele embangweni wesicoco ngemuva kokushaya iCape United ngo 1-0. Igoli leBabina Noko livalelwe enethini nguSonwabile Mfecane kade kuyiphenathi.

Le wini ithathe iSekhukhune yayibeka endaweni yesithathu kanti isele ngamaphuzu amathathu kwiRoyal njengoba sekusele imidlalo emibili isongwe isizini kulesi sigaba.

Amaqembu azoqeda endaweni yesibili neyesithathu azodlala eyokuhlunga neqembu elizoqeda kweka-15 kwiDStv Premiership. NeFree State Stars isenalo ithuba oluqhamuka ekugcineni njengoba ishaye Uthongathi FC ngo 1-0 wegoli likaMpho Khabane.

ICape Town Spurs yona ibukeka izophinde inyamalale kungakapheli nonyaka leli qembu livuiselelwe. Ispurs, eyayinedumela kudala, iqalwe kabusha ngesikhathi kushintshwa igama le-Ajax Cape Town ekuqaleni kwesizini.

Kodwa izinto azihambi kahle njengoba isabhajwe odakeni lwezembe osekucishe kucace manje ukuthi lingase liyidle. Kuzodingeka iwine yomibili imidlalo yayo esele ukuze isinde.

Imiphumela yangoMgqibelo: Royal AM 2 TS Sporting 1; Uthongathi 0 FS Stars 1; AmaTuks 1 Cosmos 0; Sekhukhune 1 Cape United 0; CT Spurs 0 Pretoria Callies 1

Imidlalo yangeSonto: Richards Bay v JSR Stars; CT All Stars v Steenberg; Polokwane City v Pondo Chiefs

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.