UGomes uchaza ngokunika kwakhe uSalah impempe namakhadi

UGomes uchaza ngokunika kwakhe uSalah impempe namakhadi
UVictor Gomes noMo Salah
OkaDonga Gumbi

Unompempe wakuleli ophenduke undabuzekwayo uVictor Gomes usechazile ngesenzo sakhe esimbeke ebalazweni ngempelasonto edlule.

UGomes nguye obedlalisa umdlalo wamanqamu we-Africa Cup of Nations (Afcon) phakathi kweSenegal ne-Egypt eYaunde, eCameroon ngeSonto kusihlwa.

Yize awenza kahle umsebenzi wakhe futhi anconywa umhlaba wonke ngalokho, kodwa ukubonakala kwakhe ezama ukunikeza uMo Salh impempe namakhadi akhe yikho okuyohlale kukhumbuleka.

Isithombe nevidiyo kwalesi sigameko kwasabalala ngokushesha ezinkundleni zokuxhumana futhi kwasusa imibono ehlukene ngakho nokho abaninginkwakubahlekisa.

“Ngibahlonipha bonke abadlali engisuke ngibadlalisa, futhi angithandi ukukhuluma ngezinqumo engizenza enkundleni,” kusho uGomes kwabezindaba kuleli viki.

“Nokho ngiyathanda ukuveza okunye ngenhloso yokufundisa ngakho. Ibhola selijike kakhulu kule minyaka eyishumi kuya kwengu-20 edlule.

“Abadlali bahlukile, uma ubuka imiholo yabo futhi bayahlonishwa kunakuqala. Sikhuluma ngabadlali emhlabeni jikelele, hhayi e-Afrika nje kuphela.

FUNDA NALA: ULekay ufuna ukukhombisa ngeChiefs ukuthi usevuthiwe

“Ngicabanga ukuthi nonompempe kumele bathuthuke. Ngeke sihlale endleleni eyodwa yokudlalisa nokuphatha abadlali emidlalweni.

“Ngakho engizokusho ngokwenzeke ngeSonto wukuthi ngaphatha umdlali osezingeni eliphezulu ngendlela engayibona ifanele futhi gnicabanga ukuthi yasebenza kahle,” kusho uGomes.

Uveze nokuthi izikhathi zakhe la ayeshesha khona ukulikhomba emlotheni sezadlula yize esasiqinisa ngendlela efanayo isandla. Uvumile ke nokuthi kuyenzeka aphunduleke, athathe izinqumo ezingafanele.

“Ngiwenzile amaphutha. Ngaso sonke isikhathi uma ngenze iphutha kungilalisa kabuhlungu. Ngingubaba ophinde abe ngumkhenywana ngakho nginabantu engihlezi ngifuna ukubenza baziqhenye ngami.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.