UGomes usematheni ngemuva kokunika uSalah impempe namakhadi

UGomes usematheni ngemuva kokunika uSalah impempe namakhadi
UVictor Gomes noMo Salah
OkaDonga Gumbi

Unompempe wakuleli uVictor Gomes uphenduke isilomo emhlabeni jikelele ngeSonto kusihlwa kanti bekusakhulunywa ngaye nangoMslombuluko.

UGomes, owaziwa ngokuba ngunompempe ongawubambi umshini ushiye abaningi behleka ngemuva kokuzama ukunika uMo Salah we-Egypt impempe namakhadi.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi uSalah ubekhalaza njalo kulo nompempe obedlalisa umdlalo wabo wamanqamu kwi-Africa Cup of Nations eCameroon.

FUNDA NALA: UNcikazi uthi uMhango kumele ayilwele naye indawo eqenjini

Kuze kwafika la uGomes abe esembiza khona uSalah, wakhumula impempe wakhipha namakhadi kungathi uyambuza ukuthi, “ngabe ubona ukuthi ungadlalisa kangcono?”.

Isithombe namavidiyo alesi sigameko kundiza ezinkundleni zokuxhumana njengoba kuhlekiswa ngakho emhlabeni jikelele.

Abanye bathi kumele kuqalwe izingxoxo ngalokhu ekubeni abanye bakubona njengendela lo nompempe abezidlalela ngayo hhayi ngoba bebexabene ngampela.

UGomes, oneminyaka engu-39 ungowokuzalwa eGoli kanti ungomunye wonompempe abathejwayo e-Afrika nokuyingakho enikwe lo mdlalo omkhulu kangaka.

Ukleliswe endaweni yesithathu konompempe base-Afrika kanti emhlabeni usendaweni ka-19. Uqale ukudlalisa ezingeni lomhlaba kusukela ngo-2011.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *