UGoss akayeke amankomane agxile ekudlaleni ibhola

URicardo Goss esadlalela iBidvest Wits
Sihle Ndlovu

Unozinti weSuperSport United, uRicardo Goss, kuzomele alekelelwe axazulule inkinga yakhe yokudinwa ngokweqile ebuye imhlasele.

Lo nozinti obolekwe kwiMamelodi Sundowns ube ngumdlali wokuqala weDStv Premiership ukuthola ikhadi elibomvu kule sizini ngesikhathi bebambana neChippa United ngo 1-1 koweligi ngempelasonto.

UGoss ubethi ususa ibhola nokuthe lisesemoyeni, ethi uyalikhahlela, umdlali weChilli Boys uRonald Dfumbidzai walihlokoza ngonyawo. Akabuzanga uGoss njengoba evele wamfaka inqindi lo mdlali walehleka phansi.

Unompempe uphoqelekile ukuthi akhiphe ikhadi elibomvu alinike uGoss, kwathi uDfumbidzai wathola eliphuzi. Okumele kubongwe uGoss ukuthi umdlalo ubususalelwe yimizuzu emibili kuphela njengoba iSuperSport ibingeke isakwazi ukwenza olunye ushintsho.

Akuqali ukuthi uGoss azithole esenkingeni ngenxa yokuhluthuka kuze kweqe. Uke watholwa enecala lokuhlukumeza unompempe uMasixole Bambiso benoSameehg Doutie, besadlalela iBidvest Wits ngoMashi ka-2020. Bahlawuliswa ukuthi bangadlali imidlalo eyisishiyagalombili, kanti emine yayo yalengiswa.

Isigameko sangempelasonto singase simfake kwenye inkinga lo nozinti uma iPremier Soccer League (PSL) ilusukumela udaba lwakhe. Ukuthola kwakhe ikhadi elibomvu akusho ukuthi iPSL ngeke imbeke icala bese ithi akavele phambi kwekomiti layo eliqondisa ubugwegwe.

UGoss kumele afunde ukuthi enkundleni kudlalwa ibhola akushaywa amankomane, noma ungadinwa kanjani. Maningi amathuba okuthi abhekane nolaka lwePSL.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *