UGoss ukujabulele ukuncela ku-Onyango

URicardo Goss weMamelodi Sundowns

MTHOKOZISI MNCUSENI

Ungaphika ulale ngomhlane ukuthi kunombango wejezi phakathi kukaRicardo Goss noDenis Onyango uma umlalelisisa kahle lo nozinti waseChesterville obevimba okokuqala kwiMamelodi Sundowns kusukela esayine kuyo nyakenye.

UGoss, oneminyaka engu-26, ufike kwiSundowns esuka kwiBidvest Wits edayiswe esengumdlali wayo kwaphoqeleka ukuthi kufanele athole ikhaya elisha.

Kulelo khaya elisha ufike kukhona u-Onyango onunozinti oseke waqokwa njengovelele emhlabeni kwabadlalela amaqembu ase-Afrika.

Kungabafaka amanzi emadolweni abadlali abaningi ukuzoqala umbango nomuntu onjalo kodwa lo mdlali oseke wavimba kwiLamontville Golden Arrows neReal Kings phambilini uzimisele ngokuluncelisisa lonke ulwazi angaluthola kulolu galagala lukanozinti wase-Uganda.

Ubevimbe umdlalo wakhe wokuqala kwiSundowns uGoss ngesikhathi inqoba kwiStellenbosch FC emzuliswaneni wokuqala kwiNedbank Cup.

Ngaphandle kwalokho lo nozinti oke abizwe nakwiBafana Bafana obelokhu eshikisha ibhentshi, elinde ithuba lokuveza ukuthi kungani ezibona elifanele ukuba kuleli qembu lesicebi esinguPatrice Motsepe.

“Bekungathi ngiyaphupha,” usho kanje ngemuva kokunqoba kwiStellies. “Kade ngalulinda lolusuku. Kufezeke iphupho lami ngiqala umdlalo eqenjni lami elisha.

“Okube kuhle nje kakhulu ukuthi ngiqale ngonyawo oluhle,” kusho yena ejobelela ngokuthi ubengahleli kepha ubezilungiselela azi ukuthi lolu suku luyofika.

ISundowns igcine ukushaywa kwiMTN 8 (ngamasonto okuqala esizini beshaywa yiBloemfontein Celtic) ngasekuqaleni kwesizini kodwa kwiligi isidlale imidlalo engu-15 ngaphandle kokushaywa.

Lo nozinti uthi konke lokhu kulele ekutheni bayiqembu elikholelwa ekutheni yonke imidlalo ebekwa phambi kwabo bangayiwina.

“Akukho okudlula ukusebenza ngokuzikhandla futhi uma ubheka abadlali esinabo akufanele kwethuse kangako ukuthi sesidlale imidlalo engu-15 ngaphandle kwenduku.

“Ngizizwa ngimqoka ukuthi ngidlala nalolu hlobo lwabadlali abakhona kwiSundowns,” kuqhuba uGoss.

Emidlalweni yeDStv Premiership engu-14 kule sizini u-Onyango akazange angenelwe yigoli kweyishumi yakhona.

“Indlela adlala ngayo iyakhombisa ukuthi kungani ebalwa nabangcono ngokuvimba e-Afrika. Okwami ukuluncela lonke ulwazi engingaluthola kuyena.

“Kusemqoka kakhulu futhi ukuthi ngiqhubeke nokumeseka njalo kungakhathalekile ukuthi isejimini kumbe emidlalweni.

“Akazikhukhumezi futhi uwusizo kubona bonke onozinti abakhona kwiSundowns. Ngijabule kakhulu ukusebenza ngaphansi kobuholi bakhe,” kusonga lo nozinti.

Email: mthokozisi@impempe.com – Twitter: @MthokozMncuseni

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *