Ugqugquzelwa uKhune unozinti onekhono wasoLundi

U-Asibonge Buthelezi
Sihle  Ndlovu

Ubukela ku-Itumeleng  Khune weKaizer Chiefs unozinti osemncane, u-Asibonge Buthelezi, oshiye abantu bengayivali imilomo kwi-Olundi Mayoral Cup eMangosuthu Stadium, ngempelasonto.

UButhelezi obevimbela iZone 1 kulo mqhudelwano ubebamba kwasani emapalani. Kuze kwaba kabili etakula iqembu lakhe sekukhahlelwa amaphenathi kwi-quarterfinal nakowandulela owamanqamu. Nokho ezakhe zigcine ziguqile kowamanqamu njengoba zoshaywe yiZone 5 sekukhahlelwa wona amaphenathi.

Lokhu kumshiye edangele uButhelezi owavimbile amanye amaphenathi kodwa wenzelwa phansi abadlali bakhe abebelokhu begeja.

“Ngidumele ngokuthi angikwazanga ukusiza iqembu lami ukuthi liwine indebe,” kusho uButhelezi.

“Into engiyibonile ukuthi kumele silungise phambili ngoba izitobha zethu nabadlali basesiswini bebedlala kahle. Bengiqala ukudlala le midlalo, ngijabule kakhulu ngoba ngibuyelwe ukuzethemba.”

Lo mdlali oneminyaka engu-16 uthe wayevele nje efuna ukuba ngunozinti ngoba ebukela kunozinti azifelayo ngaye.

“Ukuba unozinti yindawo ebengivele ngifuna ukuyidlala ngigqugquzelwa abadlali ebengibukela kubona. Bekulokhu kuwuKhune ebengibukela kuyena futhi namanje kusenguye ngoba akakawagaxi amakhokho emgibeni,” kusho uButhelezi.

“Benginakho ukungazethembi ekuqaleni ngoba angikujwayele ukudlala phambi kwabantu abaningi kangaka. Nokho ngokuhamba kwesikhathi kubuyile ukuzethemba.”

“Nginalo ithemba lokuthi ngizodlala ibhola ezingeni eliphezulu ngoba ngisemncane, futhi ngizosebenza kanzima.”

UButhelezi ufunda uGrade 12 kanti uthe nasesikoleni uyalidlala ibhola.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *