UGrobler ubuhlungu ngokuthi ngeke akwazi ukubhekana neChiefs

UGrobler ubuhlungu ngokuthi ngeke akwazi ukubhekana neChiefs
UBradley Globler
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umgadli weSuperSport United ovamise ukubhakuzisa inethi uma bebhekene neKaizer Chiefs uBradley Grolber uthi ubuhlungu ngokuthi ngeke adlale kulokhu uma sekugadulisana lezi zinkunzi.

Amatsatsantsa a Pitori azokhiphana inkani neChiefs emdlalweni weDStv Premiership eLucas Moripe Stadium ngeSonto ngo-5 ntambama.

UGrobler usalimele kanti uzobe ewubuka eyisihlwele lo mdlalo ahlale enza kahle kuwo.

“Isizini ayiqalanga kahle kimi. Emdlalweni wesibili weligi ngalimala ezimbanjeni kanti angidlali kusukela lapho.

“Ngebhadi ngeke ngibe khona nakule mpelasonto kodwa ngiyacabanga emdlalweni olandelayo lo ngizobe sengikhona,” kusho uGrobler.

ISuperSport ihlezi endaweni yesibili kwilogi kanti ilandela iSundowns ngamaphuzu amane. Akumthusi lokhu uGrobler kodwa unokukhathazeka okuncane.

“Kumnandi ukwazi ukuthi sihleli phezulu kwilogi ngemuva kwemidlalo eyisikhombisa.

“Kodwa lokho sihlale sikwenza isizini nesizini, siqale kahle sibe phezulu bese sikhathala ngokuhamba kwesikhathi.

“Yinto esifuna ukuyilungisa leyo. Sesiphinde sayiqala kahle futhi isizini ngakho kuzomele siqaphele.

“Kuzome siqinisekise ukuthi abadlali abalimali njalo. Ngicabanga ukuthi umqeqeshi wenza lowo msebenzi.”

Uma ifuna ukuqhubeka nokufaka inselelo kwiSundowns ebukeka ifuna ukuphinde imuke naso isicoco, iSuperSport kuzomele iwine kwiChiefs njengoba isekhaya nje.

“Ngiphoxekile ukuthi ngeke ngidlale neChiefs. Kodwa njalo uma ngingezudlala ngiyaphoxeka.

“Ngicabanga ukuthi lomdlalo wale mpelasonto unzima futhi bengingathanda ukuba khona ngisize la ngingasiza khona.

“Kuzoba wumdlalo omuhle kakhulu ngoba sisefomini enhle kulezi zinsuku kanti iChiefs nayo ibuya kwiwini enhle.

“Ngaphezu kwalokho babophele abadlali abasezingeni kanti banomqeqeshi onamava uStuart (Baxter) siyazi bazongena efomini maduze.

“Into okumele siziqhenye ngayo yindlela esivala ngayo emuva. Abadlali bethu basemuva basawenza kahle umsebenzi wabo.

FUNDA NALA: ULebusa uthi kubavule amehlo ukungenelwa kweSundowns amagoli 

“Wonke umuntu uyabazi ubungozi bukaKhama (Billiat) noKeagan Dolly uma beya phambili kodwa kuzomele sigcxile kwesikwenza kahle.

“Uma siphinde savala kahle emuva angingabazi ukuthi sinabo abadlali kwelethu iqembu abazowashaya amagoli,” kusho uGrobler.

Njengoba engekho nje uGrobler umthwalo wokushaya amagoli kwiSuperSport usemahlombe kaThamsanqa Gabuza kanti usawenza kahle.

Useze waduma ngomdanso wakho ohlukile awudansa uma eqeda kubhakuzisa inethi kanti nangeSonto uzobe ebheke ukuwuphinda.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.