Uhambe esepakishe kumhlambungehlule owaduma kwiDowns

Uhambe esepakishe kumhlambungehlule owaduma kwiDowns
Abalandeli beMamelodi Sundowns

 

Kuthiwa ubuyele ekhaya eLiberia esenamahloni ukuthi uzofika engaphethe lutho u-Anthony “Sika Lekhekhe” owaduma kwiMamelodi Sundowns.

ULaffor ubuyele kubo ngemuva kweminyaka eminingi edlala emaqenjini ehlukene kuleli okukhona kuwo iSundowns, SuperSport United neJomo Cosmos.

Lo mgadli owayengaconsi phansi kubalandeli beSundowns uhambe kabuhlungu kuleli ngemuva kokudlelwa umuzi nezimoto waphenduka inhlwa yoqobo.

Uhambe ezinyathweleni zabadlali abaningi bangaphandle abafika kuleli bathole injabulo nodumo bajike bahambe izindlela zobumnyama.

Lokhu kwenza bagcine besale benganalutho njengoba izintokazi zalapha zibaqothula, zidle yonke imali nemizi.

ULaffor ubengomunye wabadlali abebeyikha ngamahalavu imali kwiSundowns eminyakeni embalwa edlule.

Kuphele inkontileka yakhe kwiSundowns yamdedela. Ngemuva kwalokho uthe qu kwiChippa United kodwa kwasheshe kwaphela nakhona.

“Kodwa lokho kuphelise okwamazolo ebona ilanga. Ezinyangeni ezimbalwa ezidlule ubehamba izinkantolo ngenxa yokudlelwa impahla yakhe,” kusho umthombo.

Nokho kungenzeka agcine ebuyele esimweni uma engaqhubekanga nempilo engaphezu kwamandla ngakubo.

Impempe isingakuveza ukuthi uqashwe eqenjini lesizwe labafana abaneminyaka engaphansi kuka-17 leLiberia waba yiphini lomqeqeshi.

FUNDA NALA: UZwane uvikela abagadli bakhe abashaye udaka

Kubabadlali abahamba kuleli sebedla imbuya ngothi singabala uChancy Gondwe waseMalawi, Liswa Nduthi waseDR Congo noRobson Mchichwa waseZimbabwe.

Bonke laba babedume kakhulu futhi bethandwa bedlala emaqenjini amakhulu kuleli kodwa babuyela emuva sebengolopholo.

UMuchichwa, owaduma kwiKaizer Chiefs wake waquba kuleli engafuni ukubuyela emuva wagcina esesebenza kwagobiqolo eThekwini.

– Alfred Ngubane

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *