UHamlett akafuni ukukhuluma ngokwamxabanisa nomsubathi wakhe ovelele

UCaroline Wostmann
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Usevele waliphosa ithawula ngemijaho kuleli uJohn Hamlett oyimenenja yeNsika Athletics Club. UHamlett usenqobe iComrade Marathon amahlandla amahlanu ngabasubathi abahlukene bakuleli.

Utshele Impempe ukuthi yena akasaboni izoba khona imijaho kuleli kulo nyaka ngenxa ye-Covid-19. Uthi nokho abasubathi bakhe bakhona ejimini bayazilolonga ukwenzela ukuthi uma kuba kukhona okuqhamukayo bakhalele kukho.

“Amathemba anciphile kakhulu kodwa ke uma kwenzeka kuba khona umjaho ovelayo njengeCape Town Marathon ngoSepthemba uma kungabanga nezingqinamba zokuvalwa kwezwe,” kusho yena

Uphinde wancoma abasubathi bakhe ngokwazi umbombo kathisa, wathi kubasizile kakhulu kulesi simo sokuwa komnotho wamazwe omhlaba ngenxa yeCovid-19.

Ebuzwa ukuthi yini eyabaxhabanisa noCaroline Wostmann unqabile ukuphendula, wasinika inombolo yalo msubathi wathi akubuzwe yena. UCaroline nguye umsubathi wakuleli owakwazi ukugudluza amawele aseRussia o-Olesya no-Elena Nurgalieva kade sebekhonye iminyakanyaka kwiComrades.

Ubonakalile ukuthi kukhulu okwabaxabanisa nale ntokazi. Kuzokhumbuleka ukuthi uCaroline wanqoba Comrade Marathon neTwo Oceans Marathon ngo-2015 kwathi ngo-2016 wahluleka ukuvikela isicoco sakhe seComrades Marathon wabe esenyamalala lapho kuze kube manje.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.