UHanamub uveza icebo uHunt abanike lona lokujuqa iPirates

UHanamub uveza icebo uHunt abanike lona lokujuqa iPirates
URiian Hanamub
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Banalo iqhinga lokungena i-Orlando Pirates abadlali beChippa United, ngokusho komdlali wasemuva uRiaan Hanamub.

IChilli Boys izobhekana neBucs emdlalweni weDStv Premiership eNelson Mandela Bay Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

EzikaGavin Hunt zibuya endukwini eziyithole komakoti iRoyal AM koweligi ngeSonto elidlule eThekwini.

“Umqeqeshi ubelokhu esitshela ukuthi sidlale ngemuva kwezikhala zabo (iPirates). Uthe kumele sibheke abadlali baseziphondweni bePirates bese sidlala kakhulu lapho.

“Yilapho singase siyibambe khona iPirates,” kusho uHanamub ongowokuzalwa eNamibia.

Ngemuva kokushaywa emdlalweni odlule lo mdlali uthe bakubheke ngabomvu ukuwina ukuze banyuke kwilogi yePremiership.

“Sibuya ekushayweni ngakho amaphuzu amathathu azosigqugquzela kakhulu. Ngokwendawo esikuyona kwilogi uma singathola amaphuzu amathathu sizobaphezulu bese siqhubeke ngendlela esiqale ngayo.”

Uthe akuzange kubadikibalise nakancane ukushaywa yiRoyal AM yize bebeshaywa okokuqala kule sizini.

“Konke kuhamba kahle ekhempini yethu. Ukushaywa kanye akusho ukuthi iqembu lethu linjalo (liyashaywa).

“Kumele sivuke sizithathe silungiselele umdlalo wePirates obalulekile,” kubeka uHanamub.

IChippa inalo ithuba lokushaya iBucs njengoba kusanda kuvela ukuthi ilinyalelwe abadlali abamqoka.

Kulaba badlali kubalwa uZakhele Lepasa, Thembinkosi Lorch, Richard Ofori no-Innocent Maela.

Ngaphandle kwalokho kuvela ukuthi kukhona uqhekeko eqenjini ngemuva kokushiya kukaJosef Zinnbauer.

Kuthiwa kunabadlali abalalela uFadlu Davids, bese kuba khona labo abahamba noMandla Ncikazi.

FUNDA NALA: UMaMkhize usephinde wangena kwelinye icala njengoba esolwa ngokucwasa

Bobabili laba baqeqeshi babambile ngemuva kokusula kukaZinnbauer. Akwaziwa ukuthi ubani ozogcina eqokwe njengomqeqeshi weBucs.

Kodwa kuyavela ukuthi kukhona abafuna kube uDavids kanti abanye bathi akube uNcikazi, khona ngaphakathi kweZimnyama.

IPirates igcine ishaye iSwallows FC ngo 1-0 emdlalweni weligi ngeledlule.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.