UHassan usola abagxeka uPitso, uthi benza lokhu ngoba emnyama

UHassan usola abagxeka uPitso, uthi benza lokhu ngoba emnyama
UPitso Mosimane
UDABA: Mhlengi Josta Cele
ISITHOMBE: Twitter

Insephe ye-Al Ahly, u-Ahmed Hassan ukhwele wadilika kubalandeli babeli qembu nezintatheli abahlale begxeka umqeqeshi, uPitso Mosimane. Yize enza umsebenzi omuhle uMosimane kuleli qembu, kodwa uma kuke kwenzeka wehluleka ukuwina ugxekwa sengathi uselifake ehlathini iqembu.

Lokhu akuhlali kahle kuHassan. Le nsephe eyayidlala kulo leli qembu elingelikhulukazi e-Afrika, ithi lokhu kunenhlese yokubukela phansi umuntu omnyama.

“UMosimane wayefanelwe wukunconywa efika nje kuleli qembu. Ungumqeqeshi okhethekile futhi onamacebo asezingeni eliphezulu,” kusho uHassan kwabeKingfut.

“Inkinga yakhe yinye nje vo,” kuqhuba uHassan “ukuthi ungowase-Afrika. Abantu nabezindaba sebejwayele kakhulu ukuphathwa yizifiki (zase-Europe).

“(UPitso) usakuzuze konke obekucelwe kuye futhi kuyacaca ukuthi isinqumo sokuqoka yena ukuba acije i-Al Ahly saba ngesifanele.”

FUNDA NALA: UHassan uthi iChiefs akuyona insipho engaxhopha i-Al Ahly

Ube esencoma lo mqeqeshi ngokuqhamuka namaqhinga okwenza kungabonakali uma iqembu lilinyalelwe yizingwazi zalo ezaziwayo. Uthe uMosimane ubuyisele i-Ahly ekudlaleni ibhola eyaziwa ngalo elihehayo.

“UMosimane nguyena mqeqeshi okwazile ukubuyisa isitayela sebhola le-Al Ahly. Ukwazile ukugcina umgqigqo omuhle yize kukhona abadlali abebengekho.

“Uthathe ithuba lokungabi khona kwabo ukucija abanye ukuthi bangene endleleni yokudlala kungabonakali noma kukhona abangekho.”

UMosimane usewine izindebe ezintathu kusukela efikile kwi-Ahly ngonyaka odlule. Wawina indebe yeCAF Champions League, i-Egyptian Cup neCAF Super Cup.

Usethubeni elihle lokusivikela isicoco seChampions League njengoba esengene kowamanqamu la ezobhekana khona neKaizer Chiefs. Nesicoco seligi ekhaya e-Egypt sekusele kancane asiwine.

I-Al Ahly isalele emuva ngamaphuzu angu-20 kwiZamalek kodwa isenemidlalo eyisishiyagalombili esele ngayo emuva. Uma ingayiwina yonke, ingabuyela phezulu ize ivule igebe lamaphuzu amahlanu.

EMAIL: Editor@impempe.com TWITTER: @impempe_com FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *