Uhlaba eyokuntantiswa kukaFrosler owayedlala kwiChiefs kudala

Uhlaba eyokuntantiswa kukaFrosler owayedlala kwiChiefs kudala
UReeve Frosler
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ingwazi yeKaizer Chiefs, uDominic Isaacs, ikhala ngokudidiswa nokubanjezelwa kukaReeve Frosler ongumdlali omncane wasemuva onekhono elimangalisayo waMakhosi.

Njengamanje uFrosler useJapan lapho eyibambe khona neqembu laseNingizimu Afrika lika-Under 23 kuma-Olympics aqhubekayo eTokyo. UFrosler ukwazi ukudlala maphakathi, kwesokunxele  nakwesokudla emuva.

Uyakwazi futhi nokudlala ophondweni kwesokudla noma kwesokunxele. Yikona kanye lokhu okukhathaza u-Isaacs okholwa ukuthi lo mdlali kumele agxile ekudlaleni indawo eyodwa ukuze akhule.

“UFrosler ungumdlali onekhono eliyisimanga futhi udlala ngokukhulu ukuzimisela. Kuyangikhathaza nokho ukuthi udlaliswa izindawo ezihlukene eziningi kangaka,” kusho u-Isaacs.

“Kumele kube nendawo eqondile azoyidlala ukuze azinze akhule kuyona. Ngeke imuse ndawo le nto yokudlaliswa izindawo eziningi ezihlukene.

“Uzobizwa kanjani eqenjini lesizwe iBafana Bafana uma kuqhubeka kanje? Kuyaziwa ukuthi udlala kahle emuva kwesokudla futhi muhle kakhulu uma eya phambili edlala kuleyo ndawo.”

U-Isaacs uveze nokuthi akumele nje kuxoshwe abadlali kwiChiefs bese kunganakwa ukuthi laba abasha abazobe befika badinga ukucathuliswa yilaba asebeyazi kahle indlela.

Kulindeleke ukuthi iChiefs idedele abadlali abathile njengoba izama ukulakha kabusha iqembu. Ivele isiqalile ngokudedela uWillard Katsande engeke isavuselelwa inkontileka yakhe.

Ngendlela lo mdlali akhuluma kahle ngayo ngoDaniel Cardoso kuyacaca ukuthi ubona abadlali abasanda kusayina kwiChiefs, abafana noNjabulo Ngcobo, bezofunda lukhulu kuyena.

FUNDA NALA: UDolly ubonakale ngasendaweni okuhleli khona abadlali abasha beChiefs

“UCardoso ungumholi futhi uyakubona lokho kuyena uma esenkundleni. Ngeke ngisho okufanayo ngabanye abadlali abayibamba emuva kwiChiefs. Uyazimisela uCardoso,” kuphetha u-Isaacs.

IChiefs ingase idedele abadlali abafana noSiphosethu Ntiya-Ntiya, Kgotso Moleko (ovalelisile kubalandeli beChiefs ngesonto elidlule), Ramahlwe Mphahlele, kubadlali abadlala emuva. Isayinise u-Austin Dube, Sifiso Hlanti, Njabulo Ngcobo, Sibusiso Mabiliso kwabasha abadlala emuva.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.