Uhlaba ubuthuntu kwezakhe phambili oweSwallows

UBrandon Truter
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

ISwallows FC ike yabukeka njengeqembu ebelizomangaza abaningi ngesikhathi isemshungwini wamaqembu abenethemba lokuwina isicoco seligi. IZinyoni zisuke kweGladAfrica Championship zafike zashaya into ecokeme emidlalweni engu-10 yokuqala kwiDStv Premiership.

Kuphele isikhathi eside leli qembu libalwa nabeyizwa ngendaba induku emidlalweni

yeligi. Nokho okwenzele phansi iSwallows kule sizini kubukeke kuwukudlala imidlalo eminingi ngokulingana. Emidlalweni engu-29 edlalwe iZinyoni engu-19 yonke iphele ngokulingana. Lokhu kwenze yaqopha irekhodi elisha lokudlala ngokulingana, yaphinde yehla kwilogi.

ISwallows ishaywe AmaZulu ngo 1-0 emdlalweni weligi eJonsson Kings Park, eThekwini, ngoLwesithathu. Umqeqeshi wayo, uBrandon Truter uyivumile induku yize eshaye amakhala ngezinye zezinqumo zonompempe.

“Ngicabanga ukuthi sibe nesiwombe sokuqala esibhedayo, besingekho nje. AmaZulu ashaye igoli kuqala sazama ukubuya emuva kwalokho. Ebesifuna ukukwenza ukuthi siphaphame emdlalweni. Besizama ukwakha amathuba nokuzumisa ngesiwombe sokuqala,” kusho uTruter.

“Kuningi okushodayo njengokuhluleka ukushaya iphasi yokugcina. Nokho kube yisizini enjalo kithi. Kodwa ukuthola iphenathi efana naleya, angazi noma bekuyiyona yini iphenathi. Umsizi kanompempe akazange ayikhombe kodwa unompempe wayikhomba emlotheni.

“Lona ngunompempe ofanayo nabekhononda ngaye uManqoba (Mgqithi) ngesonto elidlule. UBenni (McCarthy) ukhonondile ngonompempe naye ngesonto elidlule. Bekukhona iphenathi engicabanga ukuthi bekumele siyithole nathi kodwa angifuni ukukhuluma kakhulu ngonompempe yize kwenzeka masonto wonke.

“UBenni, uManqoba (Mngqithi) manje yimina. Kwenzeka kakhulu ngasekupheleni kwesizini futhi lena yinto ekhona amasizini wonke.” kusho uTrutter.

Nokho okubalulekile ngeSwallows ukuthi ifike kwiligi ephezulu yakhombisa ukuthi ayifuni ukubuyela phansi.

“Kumele sibeke imiqondo emaqenjini ethu. AmaZulu neSwallows badlale kahle ikakhulukazi emizuzwini engu-30 yokugcina. Ngiyambongela uBenni neqembu lakhe ngokuzibekisela indawo-Afrika.

“Ngiyalihalalisela iqembu lonke, nginesiqiniseko sokuthi lizokwenza kahle a-Afrika,” kuphetha uTruter.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *