Uhlambuluke ngokuxoshwa nokubanjelwa izimali kwiSwallows uTruter

Uhlambuluke ngokuxoshwa nokubanjelwa izimali kwiSwallows uTruter
UBrandon Truter
OkaDonga Gumbi

Ugcina ekhipha amaqiniso wabhoboka ngempatho engeyinhle ayeseyithla kwiSwallows FC obengumqeqeshi wayo uBrandon Truter.

Lo mqeqeshi kumanje usekuMaZulu FC la enza khona kahle kakhulu njengoba esewine imidlalo emine kulandelana.

Uvule isifuba ngale mpatho ngemuva kokushaya yona iSwallows ngo 1-0 kuleli viki, wathi usefuna laziwe iqiniso ngokuhamba kwakhe kuleli qembu likaDavid Mogashoa.

“Abantu abaningi abayazi indlela engahamba ngayo kwiSwallows. Yayingeyinhle neze,” usho kanje uTruter.

“Umndeni wami wagcina sewusatshiswa. Abalandeli babefiak ekhaya kwami nasejimini. Babefuna ukungiphoqa ukuthi ngisule.

“Angithi uma ngizisulela iqembu lalingeke lisale nesikweletu sokungikhokhela imali yesikhathi esisele kwinkontileka.

“Kwadingeka ngiqine njengendoda ngivikele umndeni wami. Kwakhukhona nombandlela wokuthi uma kunelinye iqembu elingifunayo lingakhipha okuncane bese lingithola.

“Lokho kwakwenza kube nzima kimi ukuthi ngingavele ngishiye nje (ngoba kwakuzomele ngikhokhe).

FUNDA NALA: UDolly uthi bazozwa ngabaphathi beChiefs ngokuhlonipha iSundowns ngeSonto

“Kwake kwaba nesigameko la abalandeli bavimba khona ibhasi leqembu, kodwa onogada abangenza lutho ukungivikela.

“Nginawo amavidiyo nemilayezo engubufakazi balokhu. Angiqambi wona amanga. Zikhona lezi zinto wonke umuntu engazibonela,” kuchaza uTruter.

Kuzokhumbuleka ukuthi Impempe ike yabika phambilini ngokugqoza kwemali kwiDube Birds njengoba sekukhona abadlali osekunesikhathi eside bengaholi.

UTruter yena uthe uzolidlulisela kwiPSL udaba lokunganikezwa kwakhe izimfanelo zakhe kuze kube manje.

Phela njengoba iqembu lagcina limxoshile nje, kumele limkhokhele imali yezinyanga ezazisele kwinkontileka yakhe.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.