UHlanti unethemba lokusiza ekubuyiseni isithunzi seChiefs

UHlanti unethemba lokusiza ekubuyiseni isithunzi seChiefs
USifiso Hlanti
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

USifiso Hlanti uyilenhlobo yomuntu ehlezi ibuka izinto ngeso lethemba futhi manje wethemba ukuthi uzothelela ozakwabo abasha kwiKaizer Chiefs ngalo mkhuba wakhe omuhle.
UHlanti ungomunye wabadlali abasayinwe yiChiefs ngethemba lokuthi bazosiza ekutheni ibuyise izinsuku zenjabulo kubalandeli bayo.

Phela sekuphele iminyaka eyisithupha iChiefs izigcina ngephunga idlula eduze kwayo izindebe zibheke kwamanye amaqembu. Lento iyaqala ukwenzeka kuleli qembu eselineminyaka engaphezu kuka-50 lasungulwa.

Lokhu kuyicashaza elibi emlandweni walo efuna ukusheshe ilicishe lingaze libe yihlazo ukwedlula lokhu eliyikho kumanje.

UHlanti, oneminyaka engu-30, uyisethenjwa kwazise uthwele iminyakanyaka yesipiliyoni njengoba efika nje eNaturena.

Usedlale kwiBidvest Wits nakwiSwallows ngaphambi kokujoyina iChiefs kanti nakwiBafana Bafana ubengomunye wabadlali abangasali kule minyaka embalwa edlule.

“Sengijahe ukungena ngibe yingxenye yeqembu ngisize ngayo yonke indlela engingakwazi ngayo,” kusho yena. “Ingqondo yami igcwele ithemba.

“Okubalulekile kimi wukuba ngumuntu ohloniphayo nowaziyo ukuthi yini umsebenzi obhekwe kuye njengoba esengumdlali weKaizer Chiefs nje.”

“iKaizer Chiefs yiqembu elikhulu – sonke siyakwazi lokho, futhi ngiyakuhlonipha lokho. Njengomdlali webhola, nginethemba futhi ngiyazi kuzoba nezinselelo eziningi kanti nokulindelwe kimi kukhulu.

“Kodwa okubalulekile wukuthi ngibhekana kanjani nalezo zinselelo. Ngihlezi nginethemba futhi ngethemba ukuthi le sizini zoba ngcono kunedlule.

“Ngiyazi ukuthi iqembu alikuzuzanga ebelikuhlelile ngesizini edlule. Kodwa bazamile ozakwethu uma ubheka izimo ebezikhona. Imizamo yabo ibafake kowamanqamu kwiChampions League.

“Ngijabule kakhulu ukuba lapha futhi ngifuna ukubonga abaphathi beqembu, abaqeqeshi nabadlali ngokungemukela ngezandla ezifudumele.

“Kubalulekile nokuthi ngingabakhohlwa nabalandeli abahlezi beme neqembu kukuhle noma kukubi,” kusho lo mdlai odabuka eNewcastle.

FUNDA NALA: UMessi uchiphize izinyembezi evalelisa kwiBarcelona

Umsebenzi ohlalele uHlanti nozakwabo wukungenisa okungenani indebe eyodwa eNaturena kule sizini ezayo. Amakhosi azoqala umkhankaso wawo wezindebe ngomdlalo omzima ekuhambeni.

Azogadulisana neMamelodi Sundowns kwiMTN8 ngeSonto ntambama kulo mqhudelwano okungolula kunayo yonke ukuyiwina ebholeni elikhokhelayo kuleli.

“Siyazi ukuthi yini edingekayo ukuze uphumelele futhi siyakwazi nokubhekwe kithi njengoba sikuleli qembu. Siyazi nokuthi zizoba ziningi izingqinamba nezinselelo.

“Kodwa uma sibhekana nazo ngengqondo egcwele ithemba  kuningi esizokuzuza. Siyakuqonda ukuthi kumele sijabulise abalandeli bethu.

“Njengabadlali, kumele sikukhombise ukulambela kwethu impumelelo bese sibonga abalandeli bethu ngokwethembeka kithi ngokuthi siwine. Siyazi bayithanda kangakanani iKaizer Chiefs.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.