Uhlatshiswe ikhefu umqeqeshi weCitizens emva kwesibhaxu esinzima

UJan Olde Riekerink

OKADONGA GUMBI

Izinto zimapeketwane kwiCape Town City eqale isizini indizela phezulu kodwa kulezi zinsuku isisaba nokuvela phambi kwabantu.

Leli qembu laseKapa limise umqeqeshi, uJan Olde Riekerink emsebenzini ngoMsombuluko, lathi unikwa ikhefu.

Lokhu kuze ngemuva kancane kokuthi lichaywe laze loma phambi kwabantu AmaZulu FC alinenebule ngo 5-1 ngeviki elidlule.

Kuthe nangempelasonto labuya lilambatha eMbombela la lishaywe khona ngo 1-0 yiTS Galaxy.

Ukumiswa komqeqeshi nokho akucaci ukuthi kungani kwazise ubewine imidlalo emithathu kulandelana ngaphambi komdlalo woSuthu.

Futhi neqembu lakhe lingelinye ladlala ibhola elikhangayo elidle ngokuhlasela okuhlelekile, kanti namapali liyawazi ngalapho egxunyekwe khona.

Mhlawumbe ukuhlazwa ngumqeqeshi elamxosha, uBenni McCarthy yikho okuxhile abaphathi babona sengathi kukhona okungahambi kahle.

“Iqembu liyakuqinisengisa ukuthi selinike umqeqeshi uJan Olde Riekerink ikhefu. Iphini lakhe uDiogo Peral nguye ozopheka iqembu kuze kube nesinye isimemezelo esiphumayo,” lisho kanje leli qembu.

URiekerink, odabuka eNetherlands, ungumqeqeshi wesine waleli qembu kusukela lasungulwa ngo-2015.

Lazaleka ngemuva kokuba uJohn Commits athenga isitifiketi seMpumalanga Black Aces, wayishintsha wayiqamba igama elisha, wayifudukisela eKapa.

Ngaphambi kukaRiekerink, iCitizens seyike yaba ngaphansi kukaMuhsin Ertugral, Eric Tinkler noMcCarthy.

URiekerink, oneminyaka engu-58, useke waqeqesha i-Ajax Amsterdam ngakubo eNetherlands, neGalatasaray yaseTurkey phambilini.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *