UHlatshwayo uwubheke ngabomvu umdlalo weDowns neBucs

Sihle Ndlovu

UThulani Hlatshwayo we-Orlando Pirates uthi umdlalo wabo neMamelodi Sundowns ubaluleke kakhulu njengoba befuna ukuqala unyaka ngegiya eliphezulu.

Umdlalo useLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama. AmaBhakabhaka asendaweni yesithathu kwi-log kanti ukuwina lo mdlalo kungawabeka endaweni yesithathu.

“Wonke umuntu ukulungele ukuqala unyaka omusha ngegiya eliphezulu. Ngeke ngithi sithole isikhathi esiningi sokuphumula ngoba besinomdlalo e-Angola, futhi amajita abedinga isikhashana sokuba nemindeni yawo. Siphumule kancane kakhulu kodwa uyabona uma siziqeqesha ukuthi abadlali bayimiqemane,” kusho uHlatshwayo.

IPirates igcine ukudlala umdlalo weDStv Premiership ishaya iChippa United ngo 1-0 ngoDisemba 16. Akungabazeki ukuthi lona umdlalo omkhulu ngoba iSundowns iseqhulwini kwi-log yePremiership.

“Amalungiselelo ahamba kahle kakhulu, bonke abadlali bakhona. Asinabo abadlali abaningi abalimele ngaphandle kukaLepasa noMabasa. Sijabule ngamalunguselelo omdlalo kuze kube yimanje. Bonke abadlali bayimiqemane,” kusho uHlatshwayo.

Uthe lo mdlalo usho lukhulu kubona njengoba bebuyela ensimini emidlalweni yePremiership.

“Nakanjani umdlalo omkhulu kithina, ufana nowamanqamu. Siyazi ukuthi emidlalweni edlule asenzanga amathuba amaningi okushaya amagoli. Besisebenza kulokho nokuqedela amathuba esiwatholayo, kuleli sonto.”

Komunye umdlalo wePremiership ngoMgqibelo kuzotholana phezulu iMaritzburg United neBloemfontein Celtic eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngo-5.30 ntambama.