Uhleli ngesinqe esisodwa uPitso kwi-Al Ahly ehlawuliselwe ukudliwa

Uhleli ngesinqe esisodwa uPitso kwi-Al Ahly ehlawuliselwe ukudliwa
UPitso Moasimane
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Kusobala ukuthi akuvunyelwe nakancane ukuthi i-Al Ahly ishaywe noma ke iphuthwe yindebe ethile.

Lokhu kuhlaluke ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi abaqeqeshi nabadlali baleli qembu bazohlawuliswa imali eshisiwe kulandela ukuhluleka ukuwina i–Egytpian Super Cup ngoLwesibili.

Umengameli weqembu uMahmoud El Khatib, useyalele ukuthi wonke umuntu eqenjini, kumbandakanya abadlali, abaqeqeshi nomqondisi weqembu bahlawuliswe.

Iqembu likaPitso Mosimane lishaywe ngo 3-2 kumaphenathi kwi-Egyptian Super Cup lapho belibhekene khona ne-El-Gaish, okuthiwa ibiwina iSuper Cup okokuqala ngqa emlandweni wayo.

“Umengameli we-Al Ahly uMahoud El Khatib useyalele ukuthi bahlawuliswe uR281 529 abadlali beqembu, abaqondisi nabaqeqeshi ngemuva kokudlala ngendlela ephoxayo kwi-Egyptian Cup ngoLwesibili.

“Lokhu kwenzekile yize iqembu lesekwa kakhulu ukuthi liwine izindebe ukuze lijabulise abalandeli,” kusho isitatimende seqembu.

“Bonke abasebenzi bazothinteka kulokhu kuhlawuliswa kumbandakanya ababhekele ezempilo eqenjini njengoba kuzohleshulwa emaholweni abo.”

FUNDA NALA: UZulu uthemba ukuthi seluvukile Usuthu oluwine ekuhambeni

I-Al Ahly beyiye kulo mdlalo ithwelwe ngeqoma kodwa yehluleka ukudlala into ebhekile, njengoba sekuzohlawuliswa abadlali nabo bonke abaqeqeshi.

Kusobala ukuthi ngokuka-El Khatib, uma leli qembu lidlala emqhuelwaneni othile kumele iwine nakanjani, kungenjalo kuba khona abahlawula kanzima.

Nokho kumele babonge khona ukuthi bahlawulisiwe ngoba ibhantshi ligcwala umoya ngokushesha kwi-Al Ahly uma bekholwa wukuthi awukwenzi lokhu abasuke bekulindele kuwena.

NoPitso sekungenzeka ukuthi usehleli ngesinqe esisodwa futhi uma eke waphinda waphoxa ngokuthi iqembu lidlale into engacacile angase azithole esebuyele kuleli.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.