Uhlokoloze uMpengesi ephindwa ngenduku uMalesela kwiChippa

UThembela Sikhakhane waMaZulu FC no-Augustin Kwem weChippa United

OKADONGA GUMBI
Sekubhekwe ukuthi ngabe usazobekezelelwa yini uDan “Dance” Malesela kwiChippa United njengoba esehlulwe imidlalo emibili kulandelana, futhi neqembu selilengele ezembeni.
USivuyile “Chippa” Mpengesi uyaziwa ngokusheshe acanuke uma izinto zingahambi kahle bese exosha umqeqeshi kanti uMasilela kungenzeka azithole engasasebenzi kuleli qembu lase-Eastern Cape maduze.
Lokhu kulandela ukushayelwa ekhaya AmaZulu FC ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership eSisa Dukashe Stadium, e-East London ngoLwesithathu kusihlwa.
Lo mphumela ubeke iChilli Boys endaweni ka-14 kwilogi, okungenzeka yehlele ezansi kakhulu ngempelasonto uma iqhubeka nokubhacaza.
IChippa beyize kulo mdlalo esazikhotha amanxeba njengoba kade ivuthelwe yi-Orlando Pirates ngo 3-0 ngempelasonto edlule.
Lokhu kwenze leli qembu llikaMalesela libonakale lidlala ngokwesaba yize bekuyilo ebeliphethe umdlalo.
Usuthu belulandela ngemuva ngokomdlalo kodwa yilo obelubokala lungadala umonakalo uma luhlasela kodwa awekho amathuba acacile nabangawakhalela abawakhile esiwombeni sokuqala.
Nokho izindlela zoSuthu zisheshe zavuleka ngesiwombe sesibili ngesikhathi uThamsanqa Sangweni elithinta ngesandla ibhola engaphakathi ebhokisini langakubo ngomzuzu ka-55.
Izobakhalisa kodwa abeChippa le phenathi kwazise ibhola liqale ngokushayisa emzimbeni kuye ngaphambi kokuthinta ingalo ngoba umthetho uthi uma kunjalo akuyona iphenathi.
UThapelo Xoki nguye onikwe umsebenzi wokuyibeka enethini, futhi uwenze kahle njengoba elinamathisele enethini ibhola.
Ngemuva kwaleli goli, iChilli Boys ibe seyibuya ngezinkani ifuna ukuvika ihlazo lokushayelwa ekhaya kabili kulandelana.
Bekungumzuzu ka-68 la ecishe yalithola khona elokulinganisa, kodwa ibhola lika-Anthony Laffor laphuma phezu kwamapali kade eqedela umnyakazo osheshayo ukuzuma Usuthu.
IChippa iqhubekile nokuzama futhi ike yakhalela iphenathi nayo ngasekupheleni komdlalo kodwa unompempe wayincisha.
NoSuthu belulifuna elesibili lokuqinisekisa amaphuzu agcwele futhi licishe lavela ngomzuzu ka-90, kodwa ibhola likaLehlohonolo Majoro lavinjwa seliyokweqa ulayini.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.