UHlompho Kekana kumele anqume ngekusasa lingakavalwa iwindi

UHlompho Kekana kumele enze isinqumo ngaphambi kokuvalwa kwewindi
UHlompho Kekana
ESIZIZWA NGANDLEBENYE
UDABA: Intatheli yeMpempe
ISITHOMBE: Twitter

Usehlale kwiMamelodi Sundowns ishumi leminyaka futhi ungukaputeni osequkule izindebe eziningi kunabo bonke abangaphambi kwakhe uHlompho Kekana.

Kodwa sekumele athathe isinqumo esinzima ngempilo yakhe ebholeni. Impempe ihletshelwe ngosondelene nalo mdlali ukuthi iSundowns ithi akacacise ngafuna ukukwenza.

Lo mthombo uthi uKekana ubelwe amasi ngapha nenyama ngale, kanti kumele anqume lungakashoni olwangoLwesibili.

Angithi phela ngoLwesibili kuvalwa iwindi lokusayinisa abadlali kwiPremier Soccer League ngakho kumele kulalwe esecacisile.

“Kuthiwe uHlompho akakhethe ukuthi uwagaxa emgibeni amakhokho noma uyaqhubeka nokudlala,” kusho lo mthombo.

“Uma ekhetha ukuwabeka emgibeni, uzonikwa umsebenzi ngaphakathi eqenjini  njengoba kwenziwe kuTiyani Mabunda.

“Uma ekhetha ukuqhubeka nokudlala, uzobolekiswa kuze kube kuphela inkontileka yakhe bese iqembu limhlonipha njengensephe yalo.

FUNDA NALA: Omunye umdlali wakuleli osuka phesheya ukhinjwa kwi-Al Ahly

“Okungakacaci wukuthi ngabe lizoqhubeka yini nokumqasha ngemuva kwalokho ukuthi asebenze kulo enze omunye umsebenzi,” kuchaza lo mthombo.

UKekana kuthiwa ukuvezile phambilini ukuthi akakathandi ukuyeka ukudlala ngoba uzibona kusekhona angakwenza enkundleni.

Kuvele kunamaqembu okuthiwa asekuvezile ukuthi angamamukela uKekana uma iSundowns ithi iyabolekisa ngaye.

Kuwo sesingakuveza ukuthi yiSwallows ehamba phambili kanti neStellenbosch FC kuthiwa sicuthise izindlebe ukuzwa kwenzakalani ngaye.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.