UHlompho Kekana uncoma uYusuf Maart ngegoli elikhulu kwidabhi

UHlompho Kekana uncoma uYusuf Maart ngegoli elikhulu kwidabhi
UYusuf Maart weKaizer Chiefs

 

Owayengukaputeni weMamelodi Sundowns uHlompho Kekana usethulele umdlali weKaizer Chiefs uYusuf Maart isigqoko ngegoli lakhe alishaya kwidabhi yaseSoweto muva nje. 

UKekana, owayaziwa ngokushaya amagoli amakhulu ngokudedela ishodi ekude nepali ngezikhathi zakhe, uthi akunoma yimuphi umdlali ongashaya lolu hlobo lwegoli. 

Uthi kudingeka uhlobo lomdlali onesibindi nokuzethemba ukukhahlelela ipali useduze nesenta yenkundla. 

“Singawabala awami amagoli afana nalawa ashaywa kwi‘PlayStation’…. Kodwa uma singaqala siqhathanise ngabe siyabhimba,” usho kanje uKekana. 

UHlompho Kekana ubekhuluma ngesikhathi kwethulwa uhlelo lwabeCarling Black Label lokuqagela imidlalo yeNdebe yoMhlaba ezoqala maduze eQatar. 

“Angifuni kube sengathi ngifuna ukuntshontsha udumo lwalo mfana osemncane engikholwa wukuthi wenze umsebenzi omuhle emdlalweni omkhulu kanjeya. 

“(UYusuf Maart) Ube nesibindi ukwenza leyanto. Ukhumbule ukuthi akunoma yimuphi umdlali ongenza leyanto. 

“Mina nawe singangena enkundleni manje kungekho muntu sihluleke ngisho ukushaya ipali lodwa leli kube kungenangcindezi. 

“Phela kunengcindezi ukwenza leyanto. Kumele ube nesibindi sangempela. Ngimethulela isigqoko ngakwenzile,” kusho uKekana. 

“Ababaningi abadlali abanalesiya sibindi. Ngeke ngikhulume ngami ngoba sengathatha umhlalaphansi kudala. 

“Kodwa amagoli ami niyawazi nonke… ngeke ngikhulume ngawo (ayazikhulumela). Kumele ube ngumuntu ozethembayo ukuzama ukushaya igoli ukude kanjeya.

FUNDA NALA: UBroos uyanconcoza ngeBafana athi idlala elinenkosi phakathi manje

“Awucabange nje uma uzothi uyazama bese uyehluleka ukuthi bengakwenzani ozakwenu, abaqeqeshi angiyiphathi ke eyabalandeli – bengakudla luhlaza. 

“Kodwa uma uzazi ukuthi ulikhahlela kanjani ibhola, nekhono lakho… Njengoba bese ngishilo, ababaningi abangayenza leyanto.” 

Ngohlelo lwabeCarling Black Label lokuqagela imidlalo, uthe: “ICarling ingabaxhasi beNdebe yoMhlaba kuleli. 

“Yingakho belethela abalandeli nabaphuza iBlack Label le Ndebe yoMhlaba eduze nje. Engikuthandayo ngalol hlelo wukuthi abalandeli bengaziwinela imali ngokuqagela imiphumela.” 

– Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *