UHlompho uzovumbuka kwelaseLimpopo maduze

UHlompho uzovumbuka kwelaseLimpopo maduze
UHlompho Kekana
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Kuzoke kubathathe isikhashana abalandeli beMamelodi Sundowns ukubona uHlompho Kekana eqgoke imibala yelinye iqembu.

UKekana obesehlale kwiSundowns iminyaka ecela eshumini futhi engukaputeni owenza ngokwethembeka umsebenzi wakhe ushiye leli qembu ngo-Okthoba.

ISundowns yamdedela ngemuva kokuba kube nokungezwani ngokuthi kumele athathe umhlalaphansi noma aqhubeke nokudlala.

Iqembu belifisa ayeke ukudlala bese ethatha isikhundla sokuba yinxusa kodwa yena wathi usahalela ukuqhubeka nokudlala.

Ngemuva kokucaca kokuthi akasekho ezinhlelweni zabaqeqeshi, kube sekuvunyelwana ukuthi inkontileka inqanyulwe ukuze ajoyine elinye iqembu.

Ekhuluma nabeVuma FM kuleli sonto uKekana ukuvezile ukuthi likhona iqembu aseqede konke nalo kodwa akangathanda ukulidalula.

Uthe uzoshiyela kulo ukuba limethule ngokusemthethweni. Lokhu kulindeleke kwenzeke ngasekupheleni kwalo nyaka noma ekuqaleni kozayo.

Nokho Impempe seyiphenye yaze yagcina iwutholile umkhondo wokuthi uya ngakuphi lo mdlali okungafanele aliswele vele iqembu ngenxa yezinga akulo.

“UHlompho ubexoxa neBaroka futhi yiyo nje eyaba eyokuqala ukuthi ikhulume naye ngemuva kokuthi ededeliwe,” kusho umthombo ongathandanga ukudalulwa.

FUNDA NALA: UKhoza unesimemezelo esiphuthumayo ngoMsombuluko

“Empeleni nje iBaroka beyivele ike yazama nokumboleka ngesikhathi kuvela ukuthi akezudlala kwiSundowns.

“Usondelene kakhulu futhi nephini lomqeqeshi kwiBaroka uVincent Kobola ngakho uyena ubemnxenxa ukuba abajoyine.

“Sekulula ke manje njengoba esevele esekhululekile ukuthi aye lapho ethanda khona,” kuqhuba lo mthombo.

Uthe yize ungenaso isiqiniseko esigcwele kodwa ungayibeka imali phansi ekutheni uKekana uzophelela kuleli qembu laseLimpopo.

“Into ehehayo ngeBaroka wukuthi ifuna ukumsebenzisa noma sekufike la azothi khona useyawabeka ethala amakhokho.

“Futhi ke njengamanje amava akhe ayadingeka ngoba kuyacaca izinto azihambi kahle neze.

“Uma eya khona akuzumthatha isikhathi ukudlala ngoba bayamdinga kakhulu ukuqinisa esiswini.”

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.