Uhlongoza ukubopha iSafa ngodaba luka-Eymael uMpengesi weChippa

USivuyile "Chippa" Mpengesi

OKADONGA GUMBI
Uthi bacishe balaxazwa ngabaxhasi ngenxa yobudedengu beSouth African Football Association (Safa) umphathi weChippa United, uSiviwe “Chippa” Mpengesi, kulandela ukuqasha kwabo uLuc Eymael.
UMpengesi usola iSafa ngokubanikiza esidlangalaleni ngokuqasha kwabo lo mqeqeshi waseBelgium ongasavumelekile ukusebenza kuleli ngenxa yezinsolo zokubandlulula.
U-Eymael wahamba sekukubi eqenjini abelicija eTanzania ngemuva kokufanisa abalandeli balo nezimfene, wasolwa ngokuthi uyacwasa.
Nokho iChippa yamqasha yabe seyimemezela izinqumo sayo, kwathi abayidle bayifele abalandeli bebhola kuleli nasezwenikazi.
“Ayingiphathanga kahle indlela iNingizimu Afrika eyanginaphaza ngayo,” kusho uMpengesi ekhuluma nabeSAfm kuleli viki.
“Bakhona abambalwa ababesiqonda isizathu sethu sokuqasha lo mqeqeshi kodwa abaningi babengafuni nokuyizwa le ndaba,” kuqhuba yena.
“Sasiphile saka sithathwa lesi sinqumo, futhi yingoba akakaze abekwe cala kodwa kwakuyizinsolo nje ayebhekene nazo.
“(Ukugxekwa) Kwasithunaza kakhulu isithunzi sethu. Sathethiswa nanguhuluneni wesifundazwe, sabonakala njengabantu abasebenzisana nabantu abacwasa ngokwebala.
“Abanye bathi kwamina ngiyacwasa ngokwebala, sebelibele ukuthi kwamina ngimnyama.
“Sathola izingcingo ezivela kubaxhasi bethu besisabisa ngokusodicila.”
UMpengesi uthe kwabethusa ukubona iSafa seyijika seyixolisa ku-Eymael futhi ithi uvumelekile ukusebenza kuleli.
“Sesibona nje ngesitatimende esiphuma kwiSafa ixolisa kulo mqeqeshi kodwa ayangazihlupha ngokuxolisa kithi.
“Usevunyelwe ukusebenza kuleli. Ngisola sengathi iSafa yayilwa nami uqobo. Kumanje sisacubungula izinyathelo zomthetho esingazithatha futhi sesibhalele neFifa ukuba isicacisele ngale nto eyenziwa yiSafa,” kuchaza uMpengesi.
Kulandela ukusolwa kwayo, iChilli Boys yagcina ingasaqhubekanga nokuqasha u-Eymael, yabuyisa uDan Malesela esikhundleni sakhe.

Email: Edotor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *