UHlongwane, iqhawe elizithobile kodwa elingahleki phambi kwepali

UHlongwane, iqhawe elizithobile kodwa elingahleki phambi kwepali
UBongokuhle Hlongwane
UDABA: Thabiso Ngcobo
ISITHOMBE: Twitter

Igama lakhe liyichaza ynke indaba ngeqhawe elisha laseNingizimu Afrika uBongokuhle Hlongwane weMaritzburg United.

UHlongwane, oneminyaka engu-21 ulamulele iBafana Bafana ngoMsombuluko, eyitakula seyigaxele kade ibhekene neGhana.

Nguye oshaye igoli lokuwina elibeke iBafana endaweni enhle labuyisa ithemba lokuthi iBafana ingangena kwiNdebe yoMhlaba elandelayo.

Leli goli ulishaye bebhekene neqembu elisatshwayo nokubhekwe ukuthi lizidlulele kalula kuGroup G, iGhana eFNB Stadium.

IBafana yiyo esizihola phambili kuleli qoqo ngamaphuzu amane ngenxa yokuqhawe bakhe. Kodwa noma kunjalo, uHlongwane usazithobile futhi ubona kusamele baqinise kakhulu kunakuqala.

“Ukudlala kwami eqenjini lesizwe kulesi sikhashana esengisidlalile ngicabanga ukuthi kungifunde luukhulu,” kusho uHlongwane.

Nguyena iMaritzburg ebikanise ngaye ngesikhathi yethula abaxhasi bayo bkuqala iGift of the Givers ngoLwesibili ekuseni.

“Ngifunde ukuthi kufanele uhlezi uzibophezele kulokho okufisayo ngaso sonke isikhathi. ” Iminyaka isamvumela futhi emgaya kude uma engayibamba kule ndlela acabanga ngayo.

Uthi uyekwiBafana azi ukuthi abantu sebeyibuka ngoba bedliwa zinhliziyo nje kodwa basuke bengasabheke lutho oluphilile kuleli qembu.

“Ekunqobeni kwethu kulo mdlalo wayizolo (ngoMsombuluko) ngijabule kakhulu ukuthi sikwazile sinozakwethu ukubuyisa ithemba kubantu baseNingizimu Afrika.

“Ithemba beselelihlekile ngeqembu lesizwe. Akekho obesalithemba yize abantu bebelibuka kodwa bebengabuki okuhle okwenzakalayo.

FUNDA NALA: UMphela ubona izoncishelwa wumhlaba iSundowns kule sizini

“Ngiyathemba ukunqoba kwethu kulibuyisile ithemba nenjabulo. Kodwa umsebenzi osisalele usemningi, akukapheli.

“Iseminingi imdlalo esisaselele okusamele sisebenzele ukuyinqoba.

IBafana izoze iphinde idlale ngasekuqaleni kwenyanga ezayo. Njengamanje uHlongwane sekumele abeke umqondo wakhe ekusizeni iMaritzburg.

Leli qembu laseMgungundlovu aliyiqalanga kahle isizini yeDStv Premiership njengoba lisathole induku emidlalweni emibili elisayidlalile.

IBlue Hearts izoya eLimpopo la iyogadulisana khona kusiphuke izidindi neBaroka FC ngoMgqibelo ntambama.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *