UHotto nguyena obevelele kweyokuqala yeDStv Premiership

UHotto nguyena obevelele kweyokuqala yeDStv Premiership
UDeon Hotto
UDABA: Ithimba leMpempe
ISITHOMBE: Twitter

UDeon Hotto nguye obonakale evelelile kubadlali ebholeni lakuleli kule mpelasonto esiphuma kuyo.

Lo mdlali we-Orlando Pirates ube yinhlansi yethemba kuleli qembu elingayivulanga kahle imidlalo yeDStv Premiership.

IPirates ibambane neStellenbosch GC ngo 2-2 ngoMgqibelo ntambama. Iwuqale kabi umdlalo ingenelwa yigoli ngomzuzu wokuqala.

Kodwa uHotto uyibyisele emdlalweni ngelihle igoli alishaye kade kuyi-free kick engaphandle kwebhokisi leStellies.

Akagcinanga lapho njengoba kuthe uma sekukhishwe uNtsikelelo Nyauza ngekhadi elibomvu, wahlehla wayogqisha emuva nakhona wadlala kahle kakhulu.

FUNDA NALA: IRoyal AM izophuncwa amaphuzu angu-12 uma ike yephula umthetho

Kubadlali abencintisana nabo kule ndondo kuleli viki kukhona uTapelo Xoki waMaZulu FC, Rushine De Reuck weMamelodi Sundowns noVeluyeke Zulu weChippa United.

Lime kanje selilonke iqembu esliqokile

Emuva

Unozinti: Vasilije Kolak (TS Galaxy)

Kwesokudla: Khuliso Mudau (Sundowns)

Kwesokunxele: Philani Zulu (AmaZulu)

Maphakathi nenkundla: Rushine De Reuck (Sundowns)

Maphakathi nenkundla: Veluyeke Zulu (Chippa)

Esiswini

Kwesokudla: Hashim Domingo (Sundowns)

Kwesokunxele: Deon Hotto (Pirates)

Maphakathi nenkundla: Mothobi Mvala (Sundowns)

Maphakathi nenkundla: Cole Alexander (Chiefs)

Phambili

Umgadli: Evidence Makgopa (Baroka)

Umgadli: Siboniso Conco (Arrows)

Ebhentshini

Umqeqeshi: Matsimela Thoka

Iphini: Benni McCarthy

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.