UHotto ufuna indebe yesibili onyakeni wakhe wesibili kwiPirates

UHotto ufuna indebe yesibili onyakeni wakhe wesibili kwiPirates
UDeon Hotto we-Orlando Pirates
OkaDonga Gumbi

UDeon Hotto usengelinye lamasosha athenjiwe enkambini ye-Orlando Pirates yize eseneminyaka emibili nje efikile kuleli qembu laseSoweto.

Lo mdlali odabuka eNamibia akapheli moya futhi uhlezi ezinikele elwela iqembu ukuba liwine futhi useyisizile iPirates emidlalweni eminingi. 

Usakhe nobudlelwano obuhle nabadlali ahlasela nabo ikakhulukazi uThembinkosi Lorch noKwame Peprah okubenza babe yingozi. Nokumaka ke akakusabi neze, uyabuya asize uma behlaselwa.

Ekhuluma nabeSABC Sport kuleli viki, uHotto uthe yena wazela ukuzoqoqa izindebe kwiPirates futhi ufuna eyesibili (bawina iMTN8 ngesizini edlule) kube yiCaf Confederation Cup.  

“NGesikhathi ngijoyina iPirates kwakuyileyo inhloso… ukufika la ngiwine izindebe,” kusho leli nxele elinomjiko nejubane elimangalisayo.

“Sekuwunyaka wami wesibili nje lapha. Ngesizini edlule siwine iMTN8 kanti kulokhu sehluleke kuzo zonke izindebe: iligi ihambile, iNedbank Cup neMTN8.

“IConfederation Cup yiyona kuphela esisele nayo ngakho kumele siwakhiphe wonke amangwevu ukuze siyithole,” kwengeza yena.  

IPirates izobhekana neRS Berkane yaseMorocco emdlalweni wamanqamu kule ndebe eGodswill Akpabio Stadium e-Uyo, eNigeria ngoLwesihlanu ngo 9 ebusuku.

Lo mdlalo uzoba yinselelo cishe enkulu kunazo zonke iBUcs ebhekane nazo enkundleni kulo mqhudelwano. 

IBerkane yiqembu elihle futhi eselike layiwina le ndebe kwazise yilo elaba ngompetha bayo ngo-2020, futhi manje selihlome nangomqeqeshi onamava uFlorent Ibenge okulenza libe yingozi ngokuphindiwe. 

“Ngesizini edlule sawashiswa ijezi esigabeni sokuqala kwezomkhumulajezi sibhekene neqembu lasenhla ne-Afrika okwakuyiRaja Casablanca.

“Kodwa safunda kakhulu kulokho. Sesinamava manje futhi yingakho sesihambe safika kowamanqamu… Akungathsazwa ukuthi sizobe sibhekene neqembu elihle kakhulu.

“Linamava futhi selinomqeqeshi onolwazi olunzulu obekwiTP Mazembe. Kodwa noma kunjalo, thina sesibalungele,” kusho uHotto oneminyaka engu-31. 

Naye, njengomqeqeshi wabo uFadlu Davids, ukholwa wukuthi bazokuthola ukwesekwa ngabalandeli eNigeria ngoba banomdlali wakho u-Olisa Ndah eqenjini labo.

Uveze nokuthi ukufika kowamanqamu akusho lutho futhi kuzofana nokuthi bebezidlalela amagenda uma bengayitholanga indebe.

FUNDA NALA: UZwane uthi ufuna umqeqeshi ozongena kwiChiefs afice lihlangene kahle iqembu

“Akumele siye ngomqondo ‘wokuthi sesisebenzile ngoba singene kowamanqamu’. Kumele senze umsebenzi kuqala. Umsebenzi wethu ulula vele. Kumele singene enkundleni siwine.  

“Nakanjani sizoziswa sisekhaya ngoba bonke abantu baseNigeria bazoseseka kwazise sinomuntu wakhona (uNdah) eqenjini lethu.

“Kuzosisiza kakhulu lokho. Kodwa thina kumele sigxile emdlalweni. Singene enkundleni senze umsebenzi wethu.

“Sidinga ukuyiwinela usihlalo (u-Irvin Khoza) le ndebe, siyifunela ukubuyisa isithunzi seqembu, ukunika abalandeli into abazozigqaja ngayo nemindeni yethu.

“Nathi sifuna ukuhlala sikhunjulwa. Sifuna ukungena emabhukwini omlando weqembu,” kuchaza uHotto.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.