UHugo Broos uzophenduka ikati eseqoka eleBafana, kusho uJordaan

UHugo Broos uzophenduka ikayi eseqoka eleBafana, kusho uJordaan
UHugo Broos
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Umengameli weSafa, uDanny Jordaan, ukholwa ukuthi umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos uzofana nekati uma eseqoka iqembu elizodlala eyokuhlungela iNdebe yoMhlaba. Kuthiwa ikati liyaye lize liquleke lingasazi liye ngakuphi kulezi zidlo.

UBroos, osanda kuqokwa njengomqeqeshi weqembu lesizwe lakuleli, kumele ahlanganise iqembu elizodlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2022 eQatar. Le midlalo izoqala ngenyanga ezayo, kanti iBafana izotholana phezulu neZimbabwe ngoSeptemba 1.

Ukhuluma kanjena nje uJordaan iBafana (encane) isanda kuphakamisela ifulegi lezwe phezulu, kulandela ukuwina indebe yeCosafa Cup ka-2021. Ishaye iSenegal sekukhahlelwa amaphenathi kowamanqamu ngeSonto.

Abadlali abebeyibambe kulo mqhudelwano bakhombise ukuzimisela kakhulu. Lapha sibala oVeli Mothwa, Siyethemba Sithebe, Rushine De Reuck, Njabulo Ngcobo, Austin Dube, Victor Letsoalo nabanye.

“Iqembu ebelidlala kwiCosafa Cup lenze kahle kakhulu,” kusho uJordaan. “Lokhu kuchaza ukuthi umqeqeshi, uHugo Broos uzophathwa yikhanda ‘elihle’ uma eseqoka iqembu elizodlala eyokuhlungela iNdebe yoMhlaba eQatar,” kusho uJordaan kwabe-eNCA.

“Okunye okuhle ukuthi iqembu lakuleli lika-Under 23 lizodlala kuma-Olympics eJapan. Nakuleli qoqo umqeqeshi uzoba nethuba elikahle lokuqoka abadlali abazomsiza kweyokuhlunga.”

Njengoba ekhuluna ngeqembu elidlala kuma-Olympic uJordaan, sekuke kwavela ukuthi uyazifela ngomdlali weKaizer Chiefs uNkosingiphile Ngcobo, okhona eqenjini likaDavid Notoane.

Kuthiwa wakhuza wababaza ngesikhathi kuvela ukuthi lo mdlali ngeke ahambe neqembu le-Under 23 ngoba Amakhosi bekumele ayodlala owamanqamu weCAF Champions League.

Ngemuva kokudlala neZimbabwe ngoSepthemba 1, izobe seyamukela iGhana emdlalweni olandelayo ngoSepthemba 5. Ngo-Okthoba 6 izovakashela i-Ethiopia, bese ngo-Okthoba 10 kube yi-Ethiopia eza eNingizimu Afrika.

FUNDA NALA: UPule udle izindondo ziningi iPirates iklomelisa abenze kahle

Umdlalo womlenze wesibili phakathi kweBafana neZimbabwe uzokuba ngoNovemba 11 ekuhambeni. Owokugcina weqembu lakuleli unzima kakhulu njengoba lizoyivala neGhaha ngoNovemba 14 ekuhambeni.

Ngendlela okubukeka ngayo, iBafana ingakwazi ukuzibekisela indawo eNdebeni yoMhlaba ka-2022. Nokho iqembu lakuleli linakho ukuphoxa kade lithenjiwe.

Sekulele kuye uBroos nephini lakhe uHelman Mkhalele ukuthi bazolihlanganisa kanjani iqembu labo. UBroos kulindeleke atheleke kuleli ngaphambi kokuphela kwale nyanga. Inkontileka yakhe yokusebenza iqale ngoJulayi 15.

*Umdlalo wokuqala wama-Olympic weqembu lakuleli le-Under 23 neJapan ungoLwesine ngo-12 emini.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *